ASEYAFEZEKA amaphupho okugqama emkhakheni wobumnandi kuPhilile Nzama, waseMlaza, ozobe engomunye wezihambeli ezizojabulisa abahambeli bomcimbi Uvukile Gospel Festival, ozoba ngeSonto, ePort Shepstone.
UPhilile ubengomunye wabamele isifundazwe iKwaZulu-Natal ohlelweni iBig Brother Mzansi.
Uthe waya kulolu hlelo ngoba ezama ukuwina imali engu-R2 million, futhi efuna nokuzivulela umnyango endimeni yobumnandi nokuba umkhangisi wemfashini.
Ukumenywa emcimbini Uvukile uthe kuyisiqalo futhi uyabonga kuPastor Mjosty ohlela umcimbi ngokuthi amenze omunye wosaziwayo abazobonakala kuwo.
“Kufezeka amaphupho ami. Mina ekhaya bebengayizwa indaba yokuthi ngifuna ukungena emkhakheni wobumnandi, babefuna ngifunde. Ngakwenza lokho njengoba manje sengifuna ukukhula kulo mkhakha wobumnandi. Ngimema wonke amakholwa ukuthi ahambele izinkonzo zawo njengoba nami ngizoqala khona bese ngiya kuVukile. Ngijabule ngokuba yingxenye yalo mcimbi njengoba siyodumisa namaciko ahlukene emculweni wokholo. Ngithi abantu abaphume ngobuningi babo beze sizodumisa sonke, sizokwakhana njengoba ngizodlulisela amazwi okwakha intsha nokuthi ingazibukeli phansi iwathathe amathuba avelayo,” kusho uPhilile.
Umculi kamaskandi uMjolisi S.A uzonandisa njengesivakashi esiqavile kulo mcimbi.
UMjosty uthe abazohambela umcimbi bangakhathazeki ngesimo sezulu njengoba konke kuzobe kwenzeka ehholo elimumatha abantu abangaphezu kuka-1 500.
“Amathikithi abantu basengawathola, nasesangweni ayobe ekhona njengoba sesazi ukuthi abaningi bawathenga khona. Konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi njengoba sizojabula ngawo sibonga iPhasika elihle esizobe sisuka kulo,” kuchaza yena.
Kulo nyaka kulindeleke ukuthi kube nehora elibalulekile okuzonandisa kulo uSgwili no-Ayanda Ntanzi, elaziwa nge-Irvin Sihlophe Hour.
Kuzobe kukhunjulwa lo msakazi woKhozi owadlula emhlabeni ngo-2023 njengoba ayeyingxenye yabahleli bomcimbi.
Abanye abazonandisa kuwo kubalwa uBabo, Hlengiwe Mhlaba, Andile KaMajola, Abanqobi, Thembinkosi Booi, Melusi Mbokazi, Ayanda Shange, Esethu Siwe nabanye.
Khonamanjalo iqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration nalo lizobe linedili lomcimbi njengoba lizonandisa izinsuku ezimbili e-ICC, eThekwini.
NgoMgqibelo kulindeleke ukuthi likhumbuze abalandeli balo umculo elawenza eminyakeni edlule.
NgeSonto lizobe selethula izingoma zalo ezintsha.