UMNDENI wowesilisa wasoLundi, owadutshulwa wabulawa inkosi yesizwe sakwaMlaba, uthi isigwebo enikwe sona bebengasilindele. Inkosi uBongani Mlaba ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele ngecala lokudubula abulale uMnuz Phakamani Dubazane ngo-2023.
Isihlobo esicele ukuthi igama laso lingadalulwa sithe: “Njengomndeni siyakuqonda ukuthi umthetho usebenza ngendlela yawo, yebo sona akusiso isigwebo ebesisilindele, besilindile esikhulu kunalesi.”
Uthe nakuba benganelisekile kodwa bayabonga ukuthi ekugcineni, benzekile ubulungiswa, yagwetshwa inkosi. “Siyathemba kuzothumela umyalezo oqinile kuwo wonke umphakathi ukuthi akekho ongaphezu komthetho, noma ngaba uyinkosi kodwa nawe uphethwe ngokomthetho wezwe,” kusho usihlobo.
Ngosuku lwesigameko kwakunomsebenzi kwaMlaba, kubikwa ukuthi umufi nezihlobo zakhe babesalinde ukuvulelwa esangweni ngesikhathi inkosi iphuma endlini, yavulela ngenhlamvu ibhekise ngakubo. Kuleso sigameko kuthiwa kwadubuleka umufi ezindaweni ezibucayi, waphuthunyiswa esibhedlela, kodwa kwamenela.