KUYIQINISO elingenakuphikwa ukuthi indima yezobuciko ibamba iqhaza elikhulu empilweni yabantu okungaba ngokubelapha umphefumulo, wukubajabulisa nokwenza nje bakhohlwe yizinto eziningi lapho sebebuka noma belalele imisebenzi eyahlukene yobuciko okungaba wumculo, yimidlalo yethelevishini, yisemsakazweni neminye iminxa enobuciko phakathi.
Lokho kufakazelwa wukuthi uma uyiciko elithandwayo noma eselidumile ngenxa yomsebenzi omuhle nothandwayo wobuciko owenzayo, abantu bayakujabulela njalo uma bekubona, bafune ukushutha nawe izithombe, bakwange noma bancume nje ukukhombisa ukuthi ukucikoza kwakho kunendawo ekhethekile kangakanani ezinhliziyweni zabo.
Nokho inkinga ivame ukuqala uma kuzothi uziphuthumela lapho uphuthuma khona, uhlangane nomlandeli wakho noma umuntu othanda into oyenzayo, akujabulele kuqondane nokuthi mhlawumbe usesimweni sokuthi ngeke wakwazi ukuba nesikhathi esanele sokujabulela ukukujabulela kwakhe, kokunye kube wukuthi nje awukho esimweni sokuthi ungakhombisa intshisekelo yokuthi uyajatshulelwa ngenxa yezizathu ezahlukene okungaba wukuthi abantu baningi kakhulu ukuthi ungabajabulela bonke noma uphuthuma kwenye indawo okumele uyoqhuba umsebenzi wakho wobuciko kuyona.
Nokho yize lokho kuyizizathu ezizwakalayo kodwa okumele kuqondwe wukuthi akuwona wonke umlandeli oqondayo zonke lezo zinto; abantu bazi ukuthi njengoba bekuthandela into oyenzayo, kufanele ukuthi konke lapho nihlangana khona ube wumoya owodwa, ujabule nabo - yingakho uma uzokhombisa ukungakuthakaseli ukuba nabo ngaleso sikhathi, kwenza bazitshele ukuthi usuphakeme noma awunandaba nabo, okungaba nomthelela omubi egameni lakho nasemsebenzini omuhle owenzayo wobuciko bakho.
Isigameko esifakazela lokhu esisanda kwenzeka ngesomculi wodumo lwezingoma zama-piano uScotts Maphuma, oke wanyamanambana emasontweni amabili kuya kwamathathu edlule, abantu abaningi bemsola ngokuthi unempakamo - kulandela ukusabalala kwe-video yakhe echizela umlandeli wesifazane obethi uyamjabulela. Okudale ukuthi abantu bacasuke kakhulu kunakuqala, wukuthi kuthe uma egxekwa ngalokho, wangakhombisa ukuzisola, kepha wazama ukuzivikela ngokuthi ngeke ahlale ejabulela wonke umuntu, ngaso sonke isikhathi. Kanti akayedwa, njengoba sekuke kwenzeka nasesikhathini esidlule ukuthi kube nosaziwayo abasolwa ngesenzo esifanayo.
UKhuzani Ndlovu owaziwa ngelikaGatsheni emculweni kamaskandi uvumile ukuthi kuyenzeka kube nezimo lapho abalandeli bekujabulela kodwa kuqondane nokuthi isikhathi nendawo enisuke nikuyona ngaleso sikhathi akuvumi ukuthi ungajabulela wonke umuntu okhona ngaleso sikhathi nangendlela efanele, nokho athe kudinga ukuthi ube nendlela okhombisa ngayo abantu, kungabi sengathi uyabaphakamela noma awubathakaseli.
“Yisimo esidinga ukuthi ubabekezelele abalandeli bakho futhi ungavumeli ukuthi uhluthuke emoyeni ngoba bazobona sengathi awusenandaba nabo, okungaba nomthelela omubi egameni lakho kubhekwe phambili. Nokuthi nje singamaciko, akufanele ukuthi ngoba nakhu sesisezingeni elithile empilweni, bese siphakamela abanye abantu ikakhulu abalandeli bethu ngoba yibona abasibeke lapho esisuke sesikhona,” kusho uGatsheni.
Umrepha uNtokozo Zakwe, owaziwa ngelikaZakwe emculweni, yena uthe into emsizayo ezimweni ezinjena wukuthi udumo akalufaki ebantwini, uphatha wonke umuntu ahlangana naye ngendlela efanele, okwenza ukuthi abantu uma behlangana naye kungabi yinto enkulu ngoba vele uhlale esebantwini futhi akaziphakamisi uma esendaweni enabalandeli bakhe.
“Nokuthi uma ngisesimweni esingangivumel ukuthi mhlawumbe ngishaye isithombe nomlandeli wami, noma sihlangane kukhona lapho engiphuthuma khona - ngiba nendlela enenhlonipho yokumchazela ukuze abone ukuthi hhayi ngoba ngimdelela, kepha kunesimo esiphoqa ukuthi ngingakwenzi lokho akufunayo ngaleso sikhathi. Into emqoka nje wukuhloniphana, ngoba nabo abalandeli bethu babuye babe nebatha lokuthi kuthi umuntu eseshaye mawala ezinkanjeni zikaFaro, bese elokhu ekugxavuna okwenza abanye ozakwethu bagcine behluthuka ngoba ayifani indlela esamukela ngayo izinto,” kusho uZakwe.
Intokazi esidume ngokuphatha izinhlelo emicimbini ikakhulu eyomaskandi, uNqobile Dlamini owaziwa ngelikaModelkaz, nayo ithe kuyenzeka abalandeli babe namawala uma bebajabulela ikakhulu uma kusemcimbini, bangabi nakho ukubacabangelela ukuthi kwesinye isikhathi basuke besebenza, kokunye kuqondane sebephuthuma ukuya kwenye indawo.
“Engingakusho nje wukuthi abalandeli bethu kumele bakuqonde ukuthi nathi singabantu njengabo, futhi asihlale sinomoya owodwa njalo ngoba singabantu nathi njengabo, kepha uma sizohloniphana futhi sinikezane indawo konke lapho esihlangana khona, ngeke kube khona muntu ozizwa edelelekile ngenxa yendlela okwenzeka izinto ngayo,” usho kanje.