I-REAL Madrid inejoka lokusebenzisa umdlalo wakusihlwa wamanqamu weCopa del Rey ukuziphindiselela kwiBarcelona esiyithele ngesibhaxu kwaze kwakabili kule sizini.
La maqembu amakhulukazi eSpain azothololana phezulu e-Estadio La Cartuja, edolobheni iSeville, ngo-10 kusihlwa.
IBarca yilona qembu elinomlando omuhle kunawo wonke kwiCopa del Rey, njengoba isiyiphakamise amahlandla angu-31 le ndebe.
IReal Madrid isiwunqobe izikhawu ezingu-20 kodwa futhi iphethe nerekhodi elingelihle lokunqotshwa kweyamanqamu elinganayo.
Iqembu laseCatalonia lizibekisele indawo kowamanqamu ngokukhipha iBarbastro, Real Betis, Valencia ne-Atletico Madrid, kanti elaseMadrid ligudluze iDeportiva Minera, Celta Vigo, Leganes neReal Sociedad.
IBarca neMadrid bazobe behlangana okwesithathu kule sizini njengoba sebeke babhekana kwiLa Liga nakwiSpanish Super Cup.
Iqembu likaHansi Flick lazigwazela ibhece kwelikaCarlo Ancelotti kuleyo midlalo lilixebula ngo 4-0 koweligi eSantiago Bernabeu, ngaphambi kokuliqumba phansi ngo 5-2 kwiSuper Cup.
La maqembu aphinde abe sembangweni wesicoco seLa Liga, lapho iBarcelona iqhwakele khona ngamaphuzu angu-76 emidlalweni engu-33, iMadrid iyilandele ngamaphuzu angu-72 emidlalweni elinganayo.
Ngesikhathi iLos Blancos ikhishwa yi-Arsenal kuma-quarterfinal e-UEFA Champions League emasontweni edlule, iBarca yazibekisela indawo kowandulela owamanqamu lapho izobhekana ne-Inter Milan.
Lokhu kusho ukuthi iBarca isenalo ithuba lokuwina izicoco ezintathu kule sizini, okuyinto eyayenza phambilini ngesizini ka-2008/09 nangesizini ka-2014/15.
Nakuba izinto zimhambela kahlu uFlick kwisizini yakhe yokuqala neBarcelona, sekuqala ukuba muncu ku-Ancelotti, osegxekwa ngefomu ephansi yeqembu kule sizini.
UFlick umvikelile uzakwabo osewine izicoco zeligi kuwona womahlanu amaligi ahamba phambili e-Europe.
“I-Real Madrid iqembu eliyingozi elinomqeqeshi osezingeni eliphezulu. Akungithokozisi ukugxekwa kukaCarlo ngoba unqobe inqwaba yezicoco emazweni ehlukene. Ungumuntu omnene futhi ngiyamhlonipha kakhulu," kusho uFlick esithangamini nabezindaba esasisakazwa ekhasini le-Mundo Deportivo ku-YouTube.
“Sizodlala umdlalo wamanqamu neMadrid, kuzoba wumdlalo onzima futhi ngokwami kuzoba kuhle ukubona uCarlo futhi ngoba ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu.”
U-Ancelotti uvumile ukuthi iBarca iyona ethwelwe ngeqoma ngenxa yomgqigqo wayo kodwa uyethemba ukuthi iqembu lakhe lizoyilwela indebe.
"Kuzobe kuwumdlalo wamanqamu futhi kujwayelekile ukuthi iqembu elilodwa lifike linefomu engcono kunelinye, okwenza abantu abaningi balibone lisethubeni elingcono lokunqoba. Kodwa-ke, umdlalo wamanqamu uhlukile ngoba kungenzeka noma yini," kusho u-Ancelotti ekhasini leqembu lakhe kwi-YouTube.
La maqembu azophinde atholane phezulu koweligi ngoMeyi 11 ozoba nomthelela omkhulu ekucaciseni ukuthi indebe yeLa Liga izophelela kuphi.