'KUNEZINTO ezinhle abantu abazenzela abangathandanani nabo, obonayo ukuthi kungaba kuhle ukuthi bazenzela izinqandamathe zabo ukusiza ekuqiniseni ubudlelwano babo bezothando kubhekwe phambili, kodwa uthole ukuthi abakwenzi nhlobo lokho.'
Isho njalo intandokazi yomculi kamaskandi uSminofu, obuye aziwe ngeleNkosi yogologo, ixoxa neSolezwe Ngempelasonto ngokwenze yabhala ingoma yayo entsha ethi Sajola Kamnandi, ephume ngoLwesine, apike kuyona umculi wamapiano, uZee Nxumalo.
USminofu wodumo lwengoma ethi Gqiba I-Bigger nethi Rush Hour, uthe njengoba bengamaciko nje wumsebenzi wabo ukubheka izinto ezenzekayo emhlabeni nasemphakathini jikelele, bese besebenzisa ubuciko babo ukukhuluma ngazo.
“Yingakho nami ngihlanganise le ngoma ngoba bengifuna ukwedlulisa umyalezo wokuthi uma unomuntu othandana naye, kumele wenze kube wumkhuba wakho nje ukuthi uhlale, uhlale kube khona izinto ezinhle omenzela zona ezingangamandla akho ukuqinisa ubudlelwano benu bothando. Ngiveza nokuthi nakuba kungamele uzixine futhi ungaze uphoqe ukwenza okungaphezu kwamandla akho kepha lokho okuncane okuhle ongaba namandla okukwenza kukhulu futhi kungamjabulisa umuntu wakho,” kusho uSminofu.
Eqhuba, udalule nokuthi wuyena uqobo ozihluphe ngokufuna uZee Nxumalo ukuthi angene kule ngoma ngoba ekholwa wukuthi angangena khaxa kuyona ngephimbo lakhe elimtoti, yingakho afongqa isigqoko ethimbeni asebenzisana ukumsiza ukwenza lokho kwenzeke. Ingoma iphrojuswe nguMandla weMabhozeni Records noGavana weSginci Media.
“Nokuthi kuyasisiza ukusebenzisana namaciko eminye imikhakha yomculo ngoba kwenza umculo wakho ufinyelele nakwabanye abantu abangakulandeli kangako, okungaba nomthelela omuhle kuyiwa phambili uma ingoma yakho beyithandile,” usho kanje.
USminofu, ogama lakhe lokuzalwa wuMphiliseni Gumede, uthe nakuba unyaka usephansi kodwa kukhulu azokuhlela futhi akwenze ngokuqhubeka konyaka, kubalwa nokudedela i-albhamu yakhe yesine ezoba yelama amathathu okuqala okungethi Uber Driver yango-2023, nawanyakenye athi Gqiba I-Bigger nethi Rush Hour.