ZIKHATHAZEKILE izikhulu zoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, ngezinsolo zokuxhimfwa kowesifazane emtholampilo waseNtuzuma eThekwini.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngoMgqibelo, kushaywe ngesihluku uNksz Nomfundo Muthwa, waze wahlephuka izinyo, kwaxega amanye.
Umsolwa kusona ungunogada wesilisa kulo mtholampilo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe uMnuz Ntokozo Maphisa uthe: "Ziyasikhathaza lezi zinsolo, futhi asizithathi neze kancane. Siyaxolisa ngokungaphatheki kahle kukadadewethu emtholampilo othintekayo.”
Uthe ngokomthetho umtholampilo yindawo lapho umphakathi okumele uthole khona usizo lwezempilo uma uzizwa ubuthaka emzimbeni, hhayi ukuthi uhlukunyezwe.
“Singakuqinisekisa ukuthi abaphathi besifunda saseThekwini babe nomhlangano nomgilwa othintekayo ngoLwesibili. Baqale ngokumnika usizo lwezempilo njengoba ebelimele,” kusho uMaphisa.
Uthe emhlanganweni bekukhona nomnikazi wenkampani yonogada ezimele, okuyiyo eqashe onogada abathinteka kulolu daba.
“Siyafisa nokukuveza ukuthi ngokwemibiko, akulona iqiniso ukuthi lesi sigameko senzeke emva kokukhononda kweziguli - futhi uma lokhu kwenzeka siyaye sigqugquzele iziguli ukuba zixhumane nabaphathi bezikhungo zezempilo. Kuthiwa uthuthuva ludalwe wukufika kwabantu abebedle amanzi amponjwana emtholampilo, okuyibo abahilizisane nonogada,” kusho uMaphisa.
Uthe nakuba bengeke bagxile kakhulu kulolu daba njengoba lusezithebeni zabomthetho, kodwa bangakuqinisekisa ukuthi onogada abane bamisiwe emsebenzini njengoba kusaqhubeka uphenyo.
Ngokusho kukamgilwa umsindo wasuka ngesikhath abesifazane ababili ababezofuna usizo lwezempilo besukuma beyobuza abahlengikazi ukuthi kungani bengabasizi njengoba kwase kuphele isikhathi eside benganakiwe.
Uthe onogada bangenelela ingaleso sikhathi bagxavuna abesifazane babakhiphela ngaphandle komtholampilo.
Uveze ukuthi yena okwamdonsela amanzi ngomsele ukuthwebula okwakwenzeka, onogada bambhozomela, bezama ukumphuca iselula.
Udadule ukuthi yilapho agcina eseshaywa khona elinyazwa.
Udaba luphenywa amaphoyisa esiteshi samaphoyisa eNtuzuma njengoba agcina evula icala ngokushaywa kwakhe.