IMOTO: GWM HAVAL H7
KULELI sonto ngike ngaba nengxoxo nomunye obengicela ngimcebise ngemoto angayithenga ebiza kahle, eveza ukuthi isimo somnotho asisihle ukuthi engathenga ayifisa ngempela.
Ngibe sengimbuza ukuthi ucabanga ziphi, wagonyuluka ukuthi ubheke kwezaseChina. Noma ezithanda ezaseJalimane kodwa intengo yiyo emxosha kuzo okwamanje.
Cishe baningi abanjalo abangasathengi kangako ngenhliziyo noma ngegama kodwa bacabangela iphakethe labo.
Yilapho izinkampani ezifana neGWM ezidla khona ngoba ziletha izimoto ezibiza imali engaphansi kunezimbangi zibe zinothe ngokuthe xaxa.
Uma ubheka iHaval H7 nje, ibiza ngaphansi kuneVW Tiguan, Kia Sportage nezinye encintisana nazo. Injalo nje iyagqama nasemgwaqeni ngoba ngibabonile impela kunabaphenduka nami uma ngiqhamuka ngayo.
Ngaphandle inamalambu angamaLED ne-grille ephicwe ngemihlobiso ecwebezelayo. Amalambu akhanya ngendlela yokuthi kunabengihlangana nabo becabanga ukuthi ngishaye u-bright ebusuku.
Igabade ilishiye ngo-210mm, inamarimu angu-19-inch, bese iba nama-roof rails konke okuyenza ibukeke njengeSUV eyiyo.
Uma uvula isicabha ubingelelwa yingaphakathi elikhulu. Njengomuntu omude bengithi uma ngikala ukuhlala emuva kwesihlalo somshayeli engisihlele ngendlela yokuthi ngikhululeke ngabona kunesikhala esikhulu ngemuva. Amadolo abengampintsheki nakancane.
Ibhuthi ngiyibone incane njengoba ngokosayizi ingu-483 litres nokuyenza ibe ngaphansi kweyeTiguan engu-652 litres. Bekungaba kuhle ukuba ilambu lokuyikhanyisa ibhuthi belikhona naseceleni ngoba eliphezulu belibuye lenze ngingaboni kahle uma ngikhipha impahla ebusuku.
Ngiyakuthanda kodwa ukuthi ivuleka ngebhathini futhi nokuyivala yinto elula oyenza nangokhiye.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system enkulu engu-14.6 inch. Sigqame kahle futhi kuyashesha nokujwayeleka okwenzeka kuso. Ngiyibambe kudala kodwa eyokuthi umsindo womsakazo wehliswa noma unyuswa kuphi ngoba ayikho inkinobho obala. Kumele wehlise umunwe phezulu bese ivela lapho indawo yomsindo.
Okunye okwenza khona uxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo, uhlela khona amazinga okushisa, uhlela khona izinsiza zomshayeli eziyinqwaba, amakhamera awuveza wonke umzimba wemoto uwabona khona nokunye.
Ngingaze ngikhohlwe ngisakhuluma ngendaba yokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay, bayincishile izindawo zokushaja. Iyodwa imbobo ye-USB ngaphambili nangemuva. Ikhona kodwa nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo esheshayo. Bekungakuhle okungenani zithi xaxa izimbobo ze-USB ngoba ngize ngaphoqeleka ukufaka i-adaptor embotsheni ye-12V.
Okunye okuthola ngaphakathi, yizihlalo zesikhumba ezangaphambili ezihlelwa ngogesi futhi ezifudumalayo, yi-sunroof, amawindi kagesi kanjalo, heads-up display ne-digital instrument cluster enkulu engu-12.3 inch futhi eveza okuningi.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu-170 kW ne-torque engu-380Nm. Uma isuka ibinokubambezeleka okuncane bese iyasenyusa isivinini.
Anginankinga ngendlela ehamba ngayo emgwaqweni ngoba namagiya abengena kahle kwayisishiyagalolunye enawo injalo nje namandla abezwakala ukuthi akhona. Ukudlula ezinye izimoto ngokushesha akuyona into eyigqilazayo. Okuhle wukuthi idonsa nangawo womane amasondo nokuyenza ibambelele.
Noma ngingalitholanga ithuba lokuyifaka obhuqwini kodwa yinto engayinqeni ngoba inama-drive modes ahlukene okubalwa no-Sand no-Mud. Injalo nje inane-diff lock ngemuva.
Ngihamba ngayo nokho ngizithole sengiphoqeleka ukuthi ngizame ukunciphisa isivinini nezindlela engizihambayo ngenxa yokubhubhudla uphethroli.
Edolobheni ibiveza ukuthi iphuza ngaphezulu kancane kuka-13l/100km.
Emgwaqweni ovulekile yilapho eyehla khona idlalele ko-8l/km, nakhona bekusizwa wukuthi ezindaweni ezehlelayo bengidedela i-accelerator bese iyazihambela.
Igcine ibuyele emuva idla 9.9l/100km uphethroli ngiwushaye ngawuvala ngihambe ngaphezulu kancane kuka-580km. Mhlawumbe eyi-hybrid iphuza kangcono kunayo.
Ukudla kwayo kungaphezulu kunezimbangi engizibale ngenhla.
Engikuthandayo nokho wukuthi inenqwaba yezinsiza zomshayeli njengamakhamera aveza umzimba wonke enza kube lula noma upaka, ibingitshela uma sengiyiteta emhlane imoto engiyilandelayo, iyazifunda izimpawu zomgwaqo, iyasho uma kunemoto eseceleni, ine-adaptive cruise control ephinde ibambe nesiteringi ukuze ingaphumi emzileni nokunye.
Intengo:
GWM HAVAL H7 2.0T Super Luxury 9DCT 4WD – R671 950
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, road-side assistance yeminyaka eyisikhombisa ne-service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000km.