LIYABUYELA eNkantolo yesiFunda yaseCamperdown, ngoMsombuluko icala lokusocongwa kwenkosi yaKwaXimba, uMnuz Zibuse Mlaba. UMlaba wadutshulwa wabulawa ngo-Okthoba 21, 2021, enxanxatheleni yezitolo, iWareings, ngaphandle kancane kwehhovisi lakhe.
NgoMsombluko, kulindeleke ukuthi kuvele isihlobo sakhe segazi, uMnuz Duncan Patrick Mzamo Mlaba (63), osanda kuzinikela kwabakaSidlodlo ngalo icala lokusocongwa kukaMlaba. UMzamo wazinikela yena emaphoyiseni ngesonto eledlule, mayelana naleli cala.
Ukuzinikela kukaMzamo emaphoyiseni kwenzeka emva kokugonyuluka kukaFortune Dlamini (29) waseGeorgedale, eHammarsdale, omchakidile watshela inkantolo ukuthi uMzamo nguyena ungqondongqondo wetulo lokusocongwa kukaZibuse.
UDlamini wayekade egeqa amagula evuma icala ngomlomo wommeli wakhe, uMfuneko Jili, eNkantolo yesiFunda eCamperdown. Imantshi yeNkantolo yesiFunda eCamperdown ikuqinisekisile ngeledlule ukuthi uMzamo ubekwe icala elibucayi lokubulawa kwesihlobo sakhe, uZibuse.
Ngeledlule, kube nomunyu ngesikhathi kuvele uMzamo. Kuleli cala uDlamini wakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela nasolwa nabo okungoMnuz Mthobisi Tsebang Dubazana (30) waseMlaza noMnuz Nhlanhla Lungelo Hlongwa (30) waseMasukwana.
Omunye wodadewabo bakaZibuse, uNkk Nomadlozi Mlaba, ngeledlule enkantolo ukhihle isililo waphuma. UMzamo ubekwe icala lesibili lokuphazamisa ukusebenza komthetho njengoba athenga izibhamu okwasocongwa ngazo uZibuse.
Ngeledlule, omele uMbuso, u-Advocate Sanele Ntombela, uthe ngeke bakwazi ukuqhubeka ngoba abanalo ikheli likaMzamo.
Khonamanjalo: Ngawo uMsombuluko, liyabuyela eNkantolo eNkulu yasePitoli icala labesilisa abahlanu lokubulawa kukaloyo owabe engunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Piarates, uSenzo Meyiwa. Bayisihlanu sebebonke abasolwa abathweswe uMbuso icala lokucosocongwa kukalo nozinti owayengaconsi phansi kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrfika.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngo-Okthoba 26, 2014, ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng.
Bonke abamangalelwa bayawaphika amacala abawabekwe uMbuso. Icala lisesigabeni sokuqulwa lapho uMbuso uqhubeka khona nokubiza ofakazi bawo okholwa wukuthi bazosiza ukugojela abamangalelwa.