SEKUQALA ukuzwela emqondweni nasemzimbeni kowesifazane onebhizinisi lezindawo zokuhlala eziqashisayo, osola uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngokugweva nemali ewuR15 million, athi sekuphele iminyaka emibili elinde ukukhokhelwa yona.
Elandisa Isolezwe ngosizi lwakhe, uNksz Yandisa Mbulawa, ohlala eThekwini, uthe uqale ukusebenzisana noMnyango wezeMpilo ngo-2021 benza isivumelwano sokusebenzisana ngokuthi usebenzise izindawo zakhe zokuhlala, uziqashele odokotela bomnyango.
Uthe unezindawo zokuhlala eziyisithupha okungezimbili eMgungundlovu, eyodwa eKokstad, eXobho, eGreytown naKwaMaphumulo lapho bekuqashe khona abasebenzi bomnyango okungodokotela abawu-79 uma sebehlangene bonke kuzona zoyisithupha ngokwehlukana.
“Besisebenzisana kahle kusukela ngaleso sikhathi futhi bekhokha kahle imali yenyanga yonke eba kuR5 000 kuya phezulu indlu ngayinye, kuthe kusuka ngabo-2023 baqala umkhuba wokungakhokhi ngesikhathi, kuthi uma kwenzekile bakhokha kodwa kube wukuthi imali abangikhokhela yona kayipheleli, belokhu bethembisa into engekho. Isikweletu besilokhu sikhula kanjalo njengoba manje sesize safika kuR15 million,” usho kanje.
Uthe ubelokhu ebekezela, ezitshela ukuthi bazomkhokhela imali yakhe, ebilokhu inyuka kancane, kancane njalo ekupheleni kwenyanga, okugcine kumfaka ezikweletini sekudla kuyena ephaketheni, kwaze kwaba wukuthi udaba ulwedlulisa kubameli bakhe.
“Nalapho futhi sengizame ngaze ngaphelelwa yikho konke ebengikubekile ngoba konke okwenziwayo kudinga ukuthi ngikhiphe imali ekubeni kungalungi ngokushesha, ngaze ngabisha ezikweletini kangangokuthi kumanje ngicindezelekile emqondweni, ngiphelelwa amandla ngoba le nto iyangihlukumeza nsuku zonke,” kusho uNksz Mbulawa.
Leli phephanda libubonile ubufakazi bokuxhumana kwaboMnyango wezeMpilo noNksz Mbulawa, labona futhi okukhombisa imali esuka kwabomnyango iya kuyena - kanjalo nesikhathi nezinsuku okwenzeka ngaso lokho phakathi kwezinhlangothi zombili.
UNksz Mbulawa udalule nokuthi ngendlela izinto ezinzima ngayo ngenxa yalesi simo kuze kwafika lapho esegula khona, wakhushukelwa wushukela waze walala esibhedlela, okwenza abone sengathi kuzoqhubeka kube nzima ngoba usuku nosuku le nto iyamudla.
“Okunye okungihlukumeze kakhulu wukuthi abomnyango bathe besuka bathatha abasebenzi bayobaqashela kwezinye izindawo, okungididile wukuthi bakwenza kanjani lokho ngoba phela kimina bahlale bekhala ngokuthi abanayo imali, engingazi-ke ukuthi bazokhokha ngani lapho sebebaqashele khona manje,” kukhononda uNksz Mbulawa.
Uthe indlela lesi simo esimhlukumeza ngayo sesiqala nokumthikameza nasemqondweni njengoba esanda kuzama ukuvala ngebhasi esinye sezibhedlela zakhona eMgungundlovu, ezitshela ukuthi kuzoba ngcono, kodwa kwangasiza ngalutho - ngoba esikhundleni sokuthi kulalelwe izikhalo zakhe, kuvele kwabizwa amaphoyisa amchayisa.
Kuthintwa okhulumela uMnyango weMpilo eKZN uMnuz Nathi Olifant uthe uzobuyela entathelini uma sekukhona angakusho ngalolu daba.