USASEZINHLUNGWINI namanje unina wowesifazane okwembulwa kwembeswa kuyena esibhedlela, kulandela isigameko okuthiwa uxhonxwe kuso amehlo ngobeyisoka lakhe esebenzisa i-screwdriver.
Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu olwedlule, kulimale kanzima uNksz Bongeka Nxele (27), waseMaswazini, eRichmond.
Unina, uNksz Zodwa Nxele, ekhuluma neSolezwe izolo, uthe udokotela ubatshele ukuthi usengcupheni yokuthi umgilwa aphume esibhedlela eseyimpumputhe.
“Uthe ulimale kakhulu umthambo wehlo elilodwa, wathi nowelinye iso nawo ulimele, yize ungathintekanga. Kodwa abakabi naso isiqiniseko sokuthi lona liyabona,” kusho uNksz Nxele, othe kumanje asavalekile womabili amehlo endodakazi yakhe.
Elandisa ngesigameko, uthe umsolwa ugasele ekhaya ngoLwesithathu ebusuku, wafuna ukubona umgilwa ngodli.
Uveze ukuthi uthe embuza ukuthi usithathaphi isibindi sokuzofuna umgilwa kubo, wambuza ukuthi yini ndaba angahloniphi?
“Ungiphendule ngesibhakela esingiwise phansi nengane ebengiyibelethe. Wabe edlula, eya egumbini ebelinoBongeka, wamngenela nge-screwdriver,” usho kanjena.
Uqhube wathi uqale wamlimaza kwelilodwa ihlo, nokho umgilwa wakwazi ukuphunyula abaleke.
Uthe uphinde wamjaha, wamfica emgwaqweni, wamxhonxa elesibili ihlo.
Udalule ukuthi basanda kuthola ukuthi umsolwa ungowesilisa onodlame.
“Uthe esemlimaze kanje uBongeka, wasixoxela ukuthi ngoFebhuwari kulo nyaka, uke wamshaya, wamklinya, emphathele nommese. Uthe wamtshela ukuthi uma eke wamala, uyomkhipha amehlo,” kubeka uNksz Nxele, othe okusho ukuthi ubesefezekisa amagama akhe njengoba uBongeka ebatshele ukuthi ubesemalile.
Udalule nokuthi ubudlelwano babo ubevele engahambisani nabo njengoba bebehlobene.
Ubethi uma ekhuluma abuye anqamukiswe ukwenganywa yiminjunju, ethi bafisa ukuthi umsolwa uma esevela eNkantolo yeMantshi yaseRichmond, ngoLwesibili ozayo, angayitholi ibheyili.
“Kumanje sizizwa singaphephile ngoba ngesikhathi ezohlasela ngosuku lwesigameko, ukhona umngani wakhe ayehamba naye, abagcina belwa nomakhelwane owayezama ukumtshela ukuthi akazihambise emaphoyiseni ngesenzo sakhe. Lowo mngani ukhishiwe ungaphandle, siyesaba, sizizwa singaphephile,” kuchaza uNksz Nxele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseRichmond abophe owesilisa (35) ngecala lokushaya owesifazane.
Uthe ubevele enkantolo ngoLwesibili kuleli sonto, icala lahlehliselwa uLwesibili oluzayo.