INGWAZI yomlingisi, uNandi Nyembe, iyaqhubeka nokwesekwa kulandela ukuphumela kwayo obala ngokubhekana nobunzima.
Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ekuqaleni kwenyanga, uNyembe waveza ukuthi useyabuzwa ubunzima bomkhakha wokulingisa ngoba usesezingeni lokucela usizo lwemali ebantwini. Nokho wathi akakwazi ukwenza lokho ngoba uyakwazi ukuzenzela izinto futhi akafuni ukudatshukelwa.
"Ngibonile oNgxoli (Brenda) bakwazile ukuthola imali ebantwini ngoba babe nesibindi sokukhuluma ngesimo sabo. Mina anginasimo. Ngidinga ukusebenza. Uma ngihleli lapha (ekhomba isihlalo esinamasondo ahleli kuso) akukhona ukuthi umqondo wami awusebenzi. Nginikeze umbhalo womdlalo manje ngizokukhombisa ukuthi lo mqondo uyaphila. Amadolo kuphela kodwa lapha ngizokukhombisa ukuthi umuntu usebenza kanjani," washo kanje.
Kusuka lapho abantu abaningi bafake isandla ngokumnikelela ngezinto ezahlukene.
Abakamuva ngabendawo yobumnandi iDisoufeng Pub eSoweto.
Uzohlonishwa ngomcimbi ozoba ngoMsombuluko ngeholidi kusuka ngo-12 emini.
Uchazwe njengengwazi yemidlalo yethelevishini, amafilimu nemidlalo yeshashalazi. Ukulingisa kwakhe kuthinte abaningi. Bathe manje sekuyithuba lokuthi abantu bakhombise ukubonga kwabo.
"Kungaba wukusiza, ukuphatha into eyigugu noma ukuba khona, lonke uthando luzokwenza umehluko."
Abantu bakhombise ukuwuthakasela. UNtuthuko Danisa uthe ucabanga ukuthi kumele kube wumcimbi waminyaka yonke wokuhlonipha izingwazi.
"Kuyamfanela ukuhlonishwa. Sekuyisikhathi sokuthi abantu bahlonishwe besaphila," kusho uSlethokuhle Mkhwanazy.
UNandi usanda kubonakala elingisa emdlalweni ophele ngeledlule i-Adulting kwiShowmax.
Ulingise emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iZone 14, Isibaya, Soul City, The Queen, Isithembiso neHouse of Zwide neminye..