KUZOKHALWA ubumayemaye phezulu nasezansi kwi-log yeBetway Premiership ngenxa yomthelela wesinqumo sePremier Soccer League (PSL) sokuxosha iRoyal AM esigabeni sebhola elikhokhelayo laseNingizimu Afrika.
Usuku lwayizolo lusongwe isifana nomlando ebholeni laseMzansi iThwihli Thwahla kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi ibhodi elimele amaqembu angaphansi kwePSL lihambisane nesiphakamiso sesigungu esiphezulu sale nhlangano (Exco) sokudingisa leli qembu laKwaZulu-Natal.
Kulo mhlangano obuseGoli obuholwa ngusihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, noMato Madlala oyibamba esikhundleni sokuba isikhulu esiphezulu, namaqembu angu-31 angaphansi kwale nhlangano avote ngokuvumelana ukuthi siphasiswe isincomo se-Exco sokuxosha i-AM.
Emasontweni edlule, isigungu esiphezulu sePSL saphakamisa ukuthi idingiswe i-AM kulandela ukuhluleka kwayo ukudlala eyeligi ngasekuqaleni konyaka.
Kusukela lapho, leli qembu lesiqumama saseThekwini, uShauwn Mkhize, lilokhu lilandelwe yizindaba ezimbi ezithinta ukungaholelwa kwabadlali ngoDisemba nyakenye, kuya ekushaqweni kwalo umqoqintela iSARS.
Kwala noma iSARS isimtholile owayefuna ukulithenga limanikiniki linjalo, kwaphinde kwavela izingqinamba njengoba ligcine ngokushabalala.
Ukuputshuka kwalezi zindaba, yize sishicilele lo mbiko ingakawuqinisekisi i-PSL, kuzoyishukumisa iligi kwazise umthetho oyilawulayo ucacile ngokufanele kwenzeke.
Njengoba i-AM ixoshwe ingakadlali nawo wonke amaqembu esigaba esikhulu, ngokuka-Article 5:4 weNSL, kuzocishwa konke ebisikwenzile kule sizini okuhlanganisa namaphuzu ayisishiyagalombili ephumelele ukuwaqoqa emidlalweni yayo engu-11.
Iligi isizosongwa ngamaqembu angu-15 okuzitolikeka ngokuthi oqede emsileni uzoya kweyokuhlunga.
Inkinga enkulu isekutheni mangaki amaphuzu asemgodleni emaqenjini asezimpini ezahlukene osekuzofanele amonyulwe ngoba u-Article 57:13 uthi kufanele kube sengathi alikaze libekhona lelo qembu elisuke lidingisiwe.
Angu-23 amaphuzu azophucwa amaqembu angu-10 athole okuthile ngesikhathi ebhekene ne-AM kwiligi ngaphandle kweSekhukhune United okuyiyona yodwa abayishaya.
IMamelodi Sundowns igqamile kwabazolahlekelwa amaphuzu ngoba isizosala nawu-55 emidlalweni engu-22. Lokhu kuyisondeza ne-Orlando Pirates esidlale imidlalo engu-20.
Amanye amaqembu azolahlekelwa amaphuzu amathathu yiLamontville Golden Arrows, Polokwane City naMaZulu FC.
ICape Town City, SuperSport United, Richards Bay neMagesi FC, ababalekela izembe, bazohlukana nephuzu iqembu ngalinye.
Kula maqembu kukhona neKaizer Chiefs ezobuyela kwangu-29 njengoba nayo yadlala ngokulingana nezikaJohn Maduka.