ISIZINI ka-2024/25, bekubhekwe ukuthi ibe isiqalo sesahluko esisha ebholeni laseNingizimu Afrika kulandela ukwethulwa kweBetway Premiership, iligi obekulindeleke ukuthi ibe sezingeni elithe xaxa ngenxa yokufika kwabaxhasi abasha.
Kepha, esikhundleni sokuvusa isasasa lebhola lakuleli, isizini yokuqala phakathi kwabaxhasi iBetway ibuswe ukuphazamiseka, ukudideka, izimfihlo nokunye okushiye abathandi bebhola kuleli benemibuzo.
Izimpawu zokuqala zavela ngesikhathi iligi iqala maphakathi noSepthemba nyakenye, ekubeni ijwayele ukuqala ngo-Agasti. Lokhu kungenxa yokuthi kwathatha isikhathi ukuthi inhlangano ephethe iligi, iPremier Soccer League, ivumelane nabaxhasi abasha.
Izinkinga azigcinanga lapho. Maphakathi nesizini kuphazamiseke inqwaba yemidlalo ngenxa yezinkinga ebezithinta iRoyal AM, eziholele ekutheni leli qembu lihluleke ukuholela abadlali nabasebenzi ngesikhathi, nokuthi lingakwazi ukuqinisekisa ukuthi lizokwazi ukumelana nezidingo zemidlalo.
NgoFebhuwari, iPSL yamemezela ukuthi ikhethe ukuyimisa yonke imidlalo yaleli qembu. Kule nyanga kwavela ukuthi isigungu esiphezulu sePSL (Exco) saphakamisa ukuthi leli qembu lixoshwe kwiligi.
Ibhodi elihlanganise amaqembu adlala ngaphansi kwePSL lavumelana nesiphakamiso se-Exco, okusho ukuthi iThwihli Thwahla isifana nomlando ebholeni lakuleli.
Noma kunjalo, sekudlule izinsuku ezingaphezu kweziyishumi selokhu ibhodi lahlangana ngo-Ephreli 10, kodwa iPSL ayikaphumeli obala ngesinqumo, nokuthi yiziphi izinyathelo ezizolandela ukuze iligi iphele ngesikhathi esifanele ngenyanga ezayo.
Imizamo yokuthola imininingwane kwiligi ngezinyathelo ezizothathelwa iRoyal AM ayiphumelelanga njengoba imilayezo ingaphendulwanga.
Abalandeli basazibuza beziphendula emakhasini ehlukene ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngabe izolungiswa nini i-log ukuze sisheshe sicace isimo samaqembu athola amaphuzu emidlalweni neThwihli Thwahla.
Okunye abalandeli asebekhale ngayo selokhu kuqala isizini ukungavezwa kwendebe ezoqukulwa yiqembu elizoba ngelokuqala ukuba ngompetha beBetway Premiership.
Usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, waqinisekisa ngoNovemba nyakenye, ukuthi umdwebi wakuleli ohlonishwayo, uNelson Makamo, uyena osebenzisana nabaxhasi ukuhlanganisa le ndebe ezokwethulwa ngaphambi kokuthi kuphele isizini.
Nakuba indebe ingakabonakali kodwa iqembu elizodla umhlanganiso lizothola u-R20 million, okuyisona isamba esiphezulu esake satholwa ngompetha beligi ebholeni lakuleli.
IMamelodi Sundowns, ebheke ukuba ngompetha beligi okwesishiyagalombili kulandelana, isazihola phambili ngamaphuzu angu-58 emidlalweni engu-23. Ilandelwa yi-Orlando Pirates enamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-20.
Indlela iPSL ezothatha ngayo izinqumo, iphinde idlulisele ngayo ulwazi kubalandeli nabo bonke abathintekayo ebholeni lakuleli, iyona ezocacisa ukuthi isizini yokuqala yeBetway Premiership izokhumbuleka ngovuthondaba lombango wesicoco noma iyohlezi ibalwa njengesizini eyabuswa yizinkinga.