SIZOQALA ngoMsombuluko isigcawu esiphenya ngokushona kwezishoshovu ze-ANC, Inkosi Albert Luthuli, noMnuz Mlungisi Griffiths Mxenge.
Isigcawu esiphenya ngokushona kwalaba baholi sizokuba seNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
ULuthuli, owaba umengameli wokuqala we-ANC, wakhothama ngo-1976.
Imibiko ithi washayiswa yiguzu. Isigcawu esasiphenya ngokukhothama kukaLuthuli, saveza ukuthi abukho ubufakazi obukhomba ugcobho kubasebenzi be-South African Railway noma omunye umuntu.
UMxenge, owayengummeli aphinde abe yisishoshovu se-ANC, wabulawa ngo-1982.
Wasocongwa eMlazi, eThekwini. Wagwazwa amanxeba awu-45,wanqunywa uqhoqhoqho.
Imizamo yokuhlonza ababulali bakhe yabhuntsha nakuba kwaba nesigcawu sophenyo ngo-1982.
Ababulali bakaMxenge bavela emuva kweminyaka ewu-9 eshonile ngesikhathi kugonyuluka uButana Almond Nofemela.
Ngo-1997 uNofemela, uDavid Tshikalange noDirk Cotzee balahlwa yicala lokubulala uMxenge.
Bobathathu banikezwa ushwele ngesikhathi kuneKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana, i-Truth and Reconciliation Commission (TRC), besalinde ukuthi bagwetshwe yiNkantolo eNkulu eThekwini.
Inhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), ifuna ukuthi izinqumo zasekuqaleni zichithwe.
Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe inhloso yezigcawu zophenyo wukuveza ukuthi abafi bahamba kanjani emhlabeni, nokubheka ukuthi bakhona yini okufanele bashushiswe.
"I-NPA KwaZulu-Natal ibilokhu ixhumana nemindeni owakwaLuthuli nowakwaMxenge ukuyazisa ngokuqhubeka kwezinhlelo okuyinto eyenziwa kuwowonke amacala e-TRC. I-NPA nezinhlaka esebenza nazo, izimisele ukulungisa indaba yesihluku esenzeka kudala ukuze imindeni yabagilwa ithobeke amanxeba."
Abashushisi be-TRC ophikweni lwaKwaZulu-Natal bazokwethula ubufakazi uma sekuqhubeka isigcawu sophenyo.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe ukuqala kwesigcawu kuzokwelapha imindeni.
"Sinethemba lokuthi iqiniso lizogcina livelile, imindeni yazi ukuthi kwenzekani ngempela. Okusijabulisayo ukuthi isigcawu sizophenya ngokushona ngendlela engaqondakali kwabaholi, kubhekwe ukuthi bakhona yini abantu okufanele bajeze."
USibisi uthe bafisa ukuthi kuphinde kuphenywe nangokufa ngendlela engaqondakali kwenqwaba yezishoshovu ze-ANC, ezashona ngesikhathi sobandlululo.
"Baningi abaholi abashona ngendlela engaqondakali. Njenge-ANC siyafisa ukuthi yonke imindeni ithole isiphetho. I-ANC yinhlangano ekholelwayo ekusebenzeni kwezinhlaka zobulungiswa."