Kuboshwe umnikazi wethaveni esanda kuvulwa kulandela ukudubula kwakhe alimaze umlisa obehambele khona ngoba emsola ngokuganga nomkakhe ePhase Six, eBloemspruit, eFree State ezintatha ngeSonto.
Lona wesilisa oneminyaka engu-62 uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesibili ebhekene necala lokuzama ukubulala.
Okhulumela amaphoyisa eFree State, uSergeant Mahlomola Kareli uthe amaphoyisa abizwe esibhedlela senadwo ngabo-1 ekuseni ngeSonto kulandela ukungeniswa kowesilisa obenamanxeba okugwazwa.
Uphenyo luveze ukuthi umgilwa ubesethaveni kamsolwa ngabo-8.30 ebusuku ngoMgqibelo.
Kuthiwa umsolwa ube esexakazisana nomgilwa ngoba emsola ngokuganga nomkakhe.
“Ngesikhathi senxabano umsolwa kuthiwa udubule ngesibhamu walimaza umgilwa engalweni. Indoda ebilimele iphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuyolashwa,” kiusho uKareli.
Uthe amaphoyis ashaqe nesibhamu esisemthethweni sikamsolwa njengoba kuqhubeka uphenyo.
Kwesinye isigameko, kudutshulwe kwafa owesilisa oyedwa kwalimala abanye abane ethaveni eMarble Hall, eLimpopo ngoMgqibelo.
Umkhuzi wamaphoyisa kulesiya sifundazwe uLieutenant General Thembi Hadebe usigxekile lesi sigameko wayalela abaphenyi ukuthi basebenzise zonke izinsiza ukuthungatha abasolwa abadubule etheveni kunedili lomculo.
Kuthiwa umnikazi wethaveni udutshulwe wafa emi emnyango ngabo-12.15 ebusuku ngoMgqibelo.
Udutshulwe waphuthunyiswa esibhedlela lapho okufike kwaqinisekiswa khona uuthi akasekho. Abanye abane abadubulekile baphuthunyiswe esibhedlela.
Imbangela yalokhu kuthiwa ayikaziwa.