UKUBA nezikole eziningi okungakhokhwa nhlobo kuzona imali yokufunda KwaZulu-Natal, kwenza uMnyango wezeMfundo esifundazweni ungakwazi ukunyusa imali oxhasa ngayo abafundi abafunda kulezi zikole.
Kulesi sifundazwe abafunda ezikoleni okungakhokhwa kuzona bakhokhelwa imali encane kakhulu kunemali ekhokhelwa abanye abafundi kwezinye izifundazwe.
Abafundi abafunda ezikoleni okungakhokhwa kuzona esifundazweni baxhaswa ngemali engaphansi kukaR1 000 nguhulumeni ekubeni abakwezinye izifundazwe baxhaswa ngemali ebalelwa ku-R1 700.
UMnuz Nathi Ngcobo, inhloko yomnyango, uthe ezinye izifundazwe zinezikole ezibalelwa ku-65%, okungakhokhwa kuzona.
"EKZN izikole okungakhokhwa kuzona zibalelwa ku-85%, okwenza zibe ningi kakhulu. Yingakho uthola ukuthi sekuphele iminyaka ebalelwa ku-15, singakwazi ukunyusa imali okuxhaswa ngayo laba bafundi, uma uqhathanisa nezinye izifundazwe. Sikhokha imali engaphansi kakhulu ngenxa yokuthi ziningi kakhulu izikole ezingoQuintile 1 kuya ku-3 esifundazweni-okufundwa mahhala kuzona," kusho uNgcobo.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi uMnyango wezeMfundo uvele ngaphambi kwekomiti lezimali esiShayamthetho eMgungundlovu.
Le mali okuxhaswa ngayo abafundi kumele inikwe izikole ngaphansi kohlelo lwama-norms and standards.
Bayakhala othishanhloko bezikole ezehlukene abagcina ukuthola le mali yama-norms nyakenye, okuyimanje akucaci ukuthi iyongena nini kuma-akhawunti ezikole.
Othishanhloko balezi zikole bakhala ngokuthi sebejahwa ngisho osonkontileka ngenxa yokuthi umnyango awuyifakile imali, okwenza bangakhokhelwa.
UNgcobo uthe bakhokhelwe abasebenzi izolo, imali yabo isinochatha ka-5% kodwa uhulumeni kazwelonke awuyifakanga imali yokunyusa amaholo.
"Izinkinga esihlale sikhala ngazo mihla namalanga nanyakenye sakhala ngazo. Akekho umuntu esizombeka icala ngokuthi usebenzise imali engekho."
Uthe le nkinga yokungaxhaswa iyohlale inomthelela ongemuhle esabelweni sezimali somnyango.
Lo mnyango ubhekene nezinkinga ezithinta ukungakwazi ukukhokhela ngesikhathi osonkontileka.