NGOLWESIBILI ijaji uRatha Mokgoatlheng liphinde lalihlehlisela uMeyi 5 icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa ngokuhambisana nesicelo sika-Advocate Charles Mnisi obesabisa ngokulaxaza uMuzikawukhulelwa Sibiya uma enganikezwa isikhathi esanele sokuzihlela kahle.
Bonke abasolwa okungoSibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube, Mthokoziseni Maphisa, noSifisokuhle Nkani Ntuli - babhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi besebenzisa isihluku, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, basagqunywe esitokisini, yize abanye sebagwetshwa ngamanye amacala.
U-Advocate Mnisi, obemele ummangalelwa wesithathu yedwa, uMncube kuleli cala, wavuma ukuthatha izintambo zokumela nommangalelwa wokuqala uSibiya maphakathi noJanuwari kulo nyaka.
Lokhu kwenzeka emva kokushona kukammeli kaSibiya, u-Adv Thulani Mngomezulu ngoDisemba nyakenye, emva kokuhlaselwa wukugula isikhashana.
UMnisi wabe esecela ukuthi anikwe isikhathi sokuthi abuyekeze lonke irekhodi, ukuze ezokulungela ngokugcwele ukuhloma imibuzo umphenyi, uBrigadier Bongani Gininda, maqondana noSibiya.
Kwakumele liqhubeke ngesonto eledlule, kodwa u-Adv Mnisi wacela ukwelulelwa isikhathi njengoba efike wathi namanje akakaqedi ukufunda irekhodi.
“Bekufanele ngiqhubeke nokuphosa ngemibuzo ufakazi, njengokuvumelana kwethu ngoFebhuwari. Ngenze konke okusemandleni, nakuba kunjalo, angiqedanga ukufunda wonke amakhasi erekhodi,” kusho uMnisi.
Uthe okumenze wangakwazi ukuqeda, wukuthi ubethi esafunda ahlangabezane nenqwaba yobufakazi obebudinga ame, abuyele kobunye, bese eyacubungula, aphinde aqhathanise.