NAKUBA ukuvela kwemibimbi ebusweni bomuntu nokushintsha kombala wezinwele ziqale ukuba mpunga kuyizimpawu ezilindelekile kumuntu ukukhombisa ukuhamba kweminyaka, nokho kukhona okunye okuvame ukwenzeka kwingaphakathi lomuntu okungaholela lapho.
Lokho kushiwo yisikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sidalula ukuthi enye yezinto edala ukuthi abantu basheshe bazwele ukuguga yinkinga ebizwa nge-inflammation, okuyisimo nendlela umzimba womuntu olwa nomelana ngayo nezifo ezahlukene, okuthi uma kungenzeki ngendlela efanele kube lula ukungenwa yizifo okubalwa kuzona isifo senhliziyo, isifo sikashukela, isifo samathambo nokukhohlwa kalula izinto eziningi.
Isikhulu esipheuzulu se-Affinity Health uMnuz Murray Hewlett, sithe nakuba lokhu kuyinkinga kodwa zikhona izindlela ezingasetshenziswa ukulwa nalesi simo uma abantu bezokhuthalela izinyathelo ezifanele zokusigwema, enye yezikhuthaza kakhulu wukuzivocavoca.
Iyini yona i-inflammation futhi inamthelela muni ekugugeni komuntu ngokushesha?
- I-Inflammation yindlela umzimba wakho olwa ngayo nezimo okungaba wukulimala noma isifo esithile okusuke kukuphethe noma unakho ngaleso sikhathi. Okubi ngakho wukuthi kungalimaza amasosha omzimba ngendlela yokuthi uma sekukuhaqe kakhulu kwenza kube lula ukuthi ubukeke usumdala kakhulu kunoyikhona ngaleso sikhathi.
"Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukuzivocavoca yindlela yokusiza ukugwema ukukhuluphala kuphela, kanti akunjalo ngoba okunye okuhle ngakho wukuthi kusiza nakwezinye izinto kubalwa nokugwema lesi simo sokuthi umzimba wakho ube nenkinga yokungakwazi ukulwa nezifo ezikucathamelayo, okungenza usheshe uguge," kusho uHewlett.
Umbuzo omkhulu uthi ukuzivocavoca kuyigwema kanjani i-inflammation?
1. Kusiza ukunciphisa amandla ayo emzimbeni
- Ucwaningo lwabezempilo lukhombise ukuthi ukuzivocavoca kwehlisa ukukhiqizeka kwezinhlayiya zalesi simo emzimbeni ukuze zingabi namandla empilweni yakho.
2. Kwenza umzimba wakho ubuyelwe ngamandla
- Ukuhlale uzivocavoca kwenza umzimba wakho ubuyelwe ngamandla, futhi usebenze ngendlela efanele okwenza kube lula ukugwema izimo ezinjena.
3. Kwenza igazi lihambe ngendlela efanele emzimbeni
- Ukuhamba kwegazi emithanjeni yalo ngendlela efanele kusiza ukuhambisa umoya nezakhi zomzimba emzimbeni wonke okwenza umzimba wakho uhlale unamandla, kanti lokho kwenzeka kahle uma uwumuntu okhuthalela ukuzivocavoca.
4. Kwehlisa isilinganiso samafutha angadingeki emzimbeni
- Ukuba namafutha amaningi emzimbeni wakho kungaba yingozi ngokuthi kungenza kube lula ukuthi amakhemikhali e-inflammation azikholise ngawe, kanti uma uwumuntu ongakwenqeni ukuzivocavoca ngokuvamile - kungaba lula ukugwema isimo esinjalo.
5. Kusiza ukugwema ukhwantalala nokugqilazeka emqondweni
- Ukuba nokhwantalala nokugqilazeka emqondweni kunyusa izinga le hormone ebizwa nge-cortisol, elawulwa izinga lokugqilazeka komqondo womuntu, okungenza kube lula ukuthi i-inflammation izikholise kumuntu. Nokho ukuhlale uzivocavoca kungasiza ukugwema lokho, kwenze uhlale usesimweni esihle emqondweni.
"Uma usaqala ukuzivocavoca noma ufuna ukukwenza kube wumkhuba wakho wansuku zonke, qala ngokuzibekela okungenani imizuzu ewu-150 yokuhamba nje ngesonto lonke, okusho ukuthi uzobe ukwenza imizuzu ewu-30 ngosuku izikhawu ezinhlanu ngesonto. Ukukwehlukanisa kancane, kancane kanjalo kwenza kube lula ukuthi umqondo wakho ukholwe futhi ukubone kuyinto engenzeka kalula," kucebisa uHewlett.