NAKUBA umalaleveza welapheka futhi ugwemeka, kepha ukungatholakali kwawo egazini lomuntu ngesikhathi nokuthi ungelashwa ngokushesha kungadala izinkinga eziningi kubalwa nenkinga yokungasebenzi kahle kwezicubu zomzimba, okungenza nokuthi esimphethe afe.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, ngomlomo wesikhulu saso esiphezulu,
UMnuz Murray Hewlett, sicebise abantu ngokuthi ukusheshe ubone izimpawu zalesi sifo, ezivame ukuvela ezinsukwini eziwu-10 kuya kweziwu-15 zokuqala sisanda kukuhaqa, kungasiza ukunqanda umonakalo omkhulu ongase udaleke.
UHewlett uthe lesi sifo singena emuntwini ngokuthi alunywe wumiyane osuke unamagciwane abizwa nge-plasmodium parasite, okuthi uma esesabalele emzimbeni sikubambe thaqa.
UYiziphi ezinye zezimpawu okumele uziqaphele ezingakhomba ukungenwa yilesi sifo?
- Ukuzizwa ugodola ngisho kungabandi: Lokhu kwenzeka ngokuthi umuntu azizwe egodola nje esikhaleni, kwesinye isikhathi ngisho kungasafanele.
- Ukujuluka ngokweqile: Lokhu kwenzeka emva kokuthi uhlale ugodola ngokweqile, uvele usuke lapho ujuluke nje esikhaleni okusuke kudalwa wukuthi umzimba wakho usuke uzama ukwehlisa izinga lokubanda egazini.
- Ukuphathwa yikhanda nobuhlungu emzimbeni: Umalaleveva unakho ukwenza ukuthi umuntu aphathwe yikhanda ngokweqile, kokunye kube buhlungu amalungu omzimba ikakhulu kudlulele emzimbeni wonke.
- Isicanucanu, wukubuyisa nohudo: Uma lesi sifo sesikuhaqa kahle kuyenzeka sidale ukuthi umuntu abe nesicanucanu esenza adinwe wubala, kokunye senze umuntu abuyise ukudla akudlile bese kuthi abanye babe nenkinga yokukhishwa yisisu.
- Ukuphefumulela phezulu nokushaya kwenhliziyo ngamandla: Uma lesi sifo sizikholisa egazini, senza ukuthi umuntu aphefumulele phezulu ngokweqile, kwabanye nenhliziyo igcina ishaya ngamandla.
- Ukukhathala ngokweqile nokuphelelwa ngamandla: Umalaleveva uyawukhahlaza umzimba, kuphele amandla okungenza ukuthi uhlale ukhathele kakhulu.
Ulufuna nini usizo uma unale nkinga?
Uma wena noma othandiweyo wakho ebonakala enezimpawu zalesi sifo, kumqoka ukusheshe ufune usizo lwezempilo ngokushesha. Ukusheshe uthole usizo nokuselapha ngokwanele kusiza ukugwema ukudlebeleka kwaso.
Wubani osengozini enkulu yokungenwa yilesi sifo?
- Yizingane ezincane: Lokho kungenxa yokuthi azikabi nawo amandla nomzimba wazo awukakabi namandla okulwa nezifo.
- Abesifazane abakhulelwe: Lokhu kuyingozi ngokuthi kungabeka impilo yomntwana nonina engozini yokufa.
- Abantu abahambela amazwe ehlukene: Lokho kungenxa yokuthi basengcupheni yokungenwa kalula ngamagciwane njengoba besuke besezindaweni ezahlukene, okuphilwa ngendlela ehlukile kuzona.
- Abantu abanomfutho ophansi wegazi: Labo kungaba ngabantu abanezifo eziyimbelesela okungaba yigciwane lesandulela ngculazi nezinye izifo.
Uzivikela kanjani ekungenweni yilesi sifo?
- Gqoka ngendlela evikelekile: Lokho ungakwenza ngokuthi ugqoke izimpahla ezinde nezinemikhono emide ikakhulu ebusuku ukuze kungabi lula ukulunywa wumiyane.
- Mboza amanzi ezitsheni: Omiyane bavame ukuzalela amaqanda emanzini ngakho hlale uwaqaphile amanzi ekhaya, uwamboze noma uwavale ukuze kungabi lula ukuthi omiyane bangene phakathi.
- Sebenzisa imithi yokuzivikela: Uma uzoya emazweni anomlando walesi sifo, xhumana nabezempilo ukuze bakucebise ngemithi noma imikhiqizo ongayisebenzisa ukuzivikela.