ESAKHULA wayefisa ukuba wumeluleki wezengqondo, kodwa ngenxa yokungamukelwa enyuvesi ngaleso sikhathi - kwadingeka ukuthi athole enye into ayezogxila kuyona ukuqhuba impilo yakhe.
Lwaqala, lwakhula kanjalo uthando lwemboni yokuhlela imicimbi nezokuvakasha kuNkk Nompumelelo ‘Mpume’ Msomi, osenamava eminyaka engaphezu kuka-20 eyibambile endimeni yokuhlela imicimbi, imisebenzi aseyenza ezinkampanini zakhe ezintathu.
Wenza iziqu ze-Hospitality Management, eDurban University of Technology (DUT), ehehwa wumngani wakhe ukungena kule ndima.
UNkk Msomi, odabuka kwa-B eMlaza, kodwa osezinze eManzimtoti, eningizimu yeTheku, uwumnikazi we-P and M Group ehlela imicimbi, i-P and M Protection Services ehlinzeka ngonogada emicimbini ehlukene eThekwini namaphethelo, ne-SIBU Projects and Supplies, egxile kwezokwakha ebuye ingene kancane ekuhleleni imicimbi.
Elandisa ngohambo lwakhe, uNkk Msomi, uthe kwathi esephothule izifundo zakhe eDUT ngo-2002, waqala ukusebenza eyi-receptionist eCity Lodge, eThekwini.
Wasuka lapho wayoba yi-front office supervisor e-The Royal Hotel khona kwelikabhanana.
“Ngisuke lapho sengiyosebenza eDurban ICC ngo-2007, ngiyoba yi-event coordinator, kuyimina oseqhulwini ethimbeni elihlela imicimbi eyenziwa khona. Kwaze kwaba wu-2011 sengiyosebenza eMoses Mabhida Stadium, ngenza umsebenzi ofanayo. Ngasula ukuze ngigxile ebhizinisini ngokugcwele,” kusho uNkk Msomi.
Uthe inkampani yakhe yokuqala i-P and M Group wayiqala ngo-2019, esasebenza, waze waqala ukusebenza kuyona ngabo-2023, entshontsha kuleso sikhathi esincane asitholayo uma engekho emsebenzini.
Kokunye wayeze adle nesikhathi “somlungu” enzela ukuthi inkampani yakhe yaziwe abantu abaningi abangaba ngamakhasimende.
“Ngiyakhumbula nokuthi bekuke kwenzeke ukuthi ngesinye isikhathi ngeqe emsebenzini ngesikhathi sekhefu ngiyohlangana namakhasimende ami. Kokunye ngithi ngisemsebenzini, ngibe ngihlanganisa izinto ezithile zomsebenzi webhizinisi. Kuhambe kwaze kwafika lapho engibona khona ukuthi ngeke ngisakwazi ukukwenza kokubili, nganquma ukuthi ngishiye emsebenzini ukuze ngigxile emabhizinsini ngokugcwele."
Uthe akazisoli ngokushiya umsebenzi ngoba wayazi ukuthi uzogcina engazuzanga lutho ayezifisela khona uma esasebenzela umuntu.
Eqhuba, uthe nakuba echuma kule misebenzini ayenzayo kodwa inselelo enkulu eba khona wukuthi kuyenzeka kweminye imisebenzi asuke esebenza kuyona amakhasimende akhe angakhokhi ngesikhathi.
Lokhu uthe kudinga ukuthi kokunye asebenzise imali yakhe ukukhokhela abantu asuke ebaqashile, esalinde imali kwabebemqashile.
“Kodwa into engisebenzela kakhulu mina wukuthi ngiqale amabhizinisi sengivele senginamava eminyaka eminingi ngikule mboni, okwenza kungabi nzima ukuthola amakhasimende. Sengiyakwazi okulindelekile kimina ukwenza umcimbi engiwenzayo nengiqashelwe ukubhekela izinhlaka ezithile kuwona ube yimpumelelo,” kusho yena.
Emicimbini aseke wayihlela enkampanini yakhe kubalwa iMarried Women Forum, Married Men Forum, Young Men’s Incubation Forum, Young Men’s Incubation, Where Do The Bleeding Youth Go?
Asanda kuwenza kule nyanga othi Gospel In The Park Family Day.
Wake waqashelwa ukwenza imisebenzi ehlukene emicimbini emikhulu nehlonishwayo okukhona kuyona iFact Durban Rocks, Friends of Amstel, Impucuzeko Maskandi Festival, Gagasi Beach Festival, Anywhere In Your City, Umbuso Wamaciko, Easy Sunday, Doek On Fleek, Umlazi Jazz Festival ne-Piano Cast.
“Manje sengibheke ukuqhubeka ngikhulise izinkampani kuze kufike esigabeni nasezingeni lapho engingezukudinga ukucela imisebenzi ebantwini, kube wukuthi igama lami namagalelo ami kwenza kube ngabantu abeza kimina bacele ukusebenza nami,” kusho uNkk Msomi.