BAYAVEVA abantu ezinkundleni zokuxhumana ngenkulumo kaMcG kuPodcast yakhe iPodcast and Chill, egxibha uMinnie Ndlamini kulandela ukuhlukana kwakhe soma lakhe elingudokotela uBrian Monaisa.
UMac G uthe mhlawumbe isitho sangasese sikaMinnie siyanuka yingakho udokotela ahlukene naye.
UMac G akaqali ukugxibha Minnie ngesimilo sakhe, phambilini ohlelweni lwakhe wake wave a ukuthi zamantombazane afana noMinnie ngeke a shade futhi awahlali othandweni. Ekhuluma lolu daba wavumisa uzakwabo uSol Phenduka ethi Minnie noBoity abasoze bagana ngoba iyaziwa imikhuba yabo.
UDkt Monaisa unikele ku-Instagram egxeka uMac G nozakwabo uSol Phenduka ethi babonakala benenkinga nabasifazane abaphumelele.
"Ngiyasimela isithunzi abesifazane, laba bantu basebenza ngokuzikhandla bayahlonipha bafanelwe okukhulu kunalokhu eniyikhona," kusho yena.
UKhusela Diko owayengusomlomo we-ANC uthe ukuhlaselwa kukaMinnie Dlamini kubi wathi izinkundla ezifana namaPodcast azinayo imithetho ezilawulayo. "Uma umuntu efuna ukufaka isikhalazo wenzenjani ngoba kuyaziwa ukuthi kubasakazeli bomphakathi umuntu ufaka isikhalazo kukhomishana wezokusakaza, kodwa ngalezi izinkundla, akukho lutho."
UDiko ubesebhekisa kungqongqoshe wezokuxhumana Solly Malatsi ethi uyathemba ukuthi lolu daba lusezithebeni zakhe.