AKAWUVALI umlomo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngomshado afuna wakhiwe iqembu alikhankaselayo, uMkhonto weSizwe ne-EFF.
UZuma uthe umbimbi lungenza lukhulu uma seluphethe izwe emva kokhetho lwangoMeyi.
Lokhu ukusho kwi-video, lapho ebefisela khona umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, usuku oluhle lokuzalwa.
UMalema ubegubha ukuhlanganisa iminyaka engu-43, ngeSonto.
UZuma, obelokhu emamatheka uma ekhuluma ngombimbi alufunayo, uthe uMalema usethubeni lokuba yingxenye yokuqoshwa komlando.
Kwi-video, uZuma uthe bafuna ukuthi ukhetho balunqobe ngamalengiso ukuze bezokwazi ukushintsha isimo sakuleli.
“Ngifisela wena nathi sonke ukuba sikwazi ukuguqula isimo sezwe. Lokhu ngifuna sikwenze noma kukhona abangathandi. Kuyaphoqa ukuthi siwine ukhetho ngokubili kokuthathu. Ngaleyo ndlela nawe uyoxoxa ukuthi wenza isimanga esingaka uneminyaka engu-43. Jabula, wenze konke ofuna ukukwenza. Kodwa ungakhohlwa ukuthi kufanele sinqobe ukhetho ngokubili kokuthathu.”
I-MK ne-EFF kabanaso isivumelwano sokusebenzisana, uZuma akacacisanga ukuthi bazosebenzisana kanjani uma bengagcina besitholile isibalo samavoti abasifunayo.
“Okunye nokunye sizokuxoxa emva kokhetho.”
UZuma noMalema bake baba inkukhu nempaka.
Ubudlelwano babo baqala ukonakala ngesikhathi uMalema engaweseki umkhankaso kaZuma wokuhola i-ANC ngesikhathi kunengqungquthela, wagcina exoshiwe kuyona, wabe esesungula i-EFF.
UMalema ubehlezi ephazamisa izinkulumo zikaZuma ePhalamende, futhi wayeyingxenye yemikhankaso yokuba uZuma aphume esikhundleni.
Babuye bakhombisa ukubuyisana ngesikhathi uZuma ebhekene nokuboshwa, ngo-2021.
UMalema waya “kophuza itiye” emzini kaZuma ngesikhathi kwakusaphikiswana ngesinqumo sokuthi uZuma kufanele aye ejele.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bebengakanqumi ukuthi bazosebenzisana namaphi amaqembu ezepolitiki.
“Njengamanje, alukabi khona ukhetho, asazi ukuthi sizothola amavoti amangaki. Uma singathi siyaqala sikhuluma indaba yokusebenzisana, singathi sikhuluma ngamaphi amavoti? Njengamanje sigxile ekukhankaseleni ukhetho.”
UNdhlela uthe bazosebenzisana kuphela namaqembu anemigomo efana neyabo.
“Kubalulekile ukuthi amaqembu acabanga ngokufana abe yimbumba. Lezo zingxoxo sizokuba nazo emva kokhetho.”
Ebuzwa yiSABC ngomyalezo awuthunyelwe uZuma, uMalema uthe bazimisele ngokusebenzisana namaqembu anemigomo efanayo neyabo.
“Akhona amaqembu anemigomo efanayo neyethu, iPAC, ATM. Manje sekukhona neMK ekhuluma indaba yokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Sihlezi sikusho ukuthi sifuna kube nobumbano.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Khonamanjalo: UNdhlela ugxeke ukuqhubeka kwezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Lokhu ukusho emva kokubulawa komxhumanisi we-ANC kuWard 74, kuMasipala waseThekwini, uMnuz Vusumuzi “Blesser” Ntuli.
UNtuli udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo ehostela eTehuis, ephuma emhlanganweni weMK.
“Sifuna kube nobulungiswa. Kufanele kuphele ukubulawa kwabaholi bezepolitiki KwaZulu-Natal. Sinxusa amalungu oMkhonto ukuba ehlise imimoya, adedele uphenyo lwamaphoyisa. Sinxusa nabaholi bamaqembu ezepolitiki ukuba bangakhulumi izinto ezisusa udlame uma bekhuluma emiphakathini.”