I-NFP eZululand, isiphakamise ukuthi kuphenywe kabanzi ngesibhamu okuthiwa kasikho emthethweni, esitholwe kuSomlomo kaMasipala wasoPhongolo ngeSonto.
USomlomo oyilungu le-IFP, uMnuz Kwenzakakufani Nxumalo, ukhalelwe amasongo kaSigonyela emva kokutholakala nezulu lezandla.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo namuhla.
USotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela uthe bafisa isibhamu esitholwe kusomlomo siyohlolwa ukuthi asibandakanyeki yini ekufeni nasekudutshulweni kwabeNFP.
Ebala izigameko ezehlukene wafaka nesokudutshulwa kubulawe uNkk Ntombenhle Mchunu (75).
UNkk Mchunu owayeyikhansela elidala kuMasipala waKwaNongoma, wadutshulwa wafa abasolwa abagasela emzini wakhe ngoJulayi 2023.
Isigameko sesibili asibalulile ngesokudutshulwa kufe uMnuz Bongani Zulu, owayengumyeni wekhansela lakhona KwaNongoma, uNkk Senzeni Zulu ngoSepthemba 2023.
Lesi sigameko kwasolwa ukuthi sasihlose impilo kaNkk Zulu njengoba abasolwa baqale bafuna ukubona yena ngodli, kwathi uma uZulu elandula babhozomela yena ngenhlamvu.
Esesithathu uthe kwaba ngesokudutshulwa kwekhansela lakhona KwaNongoma uMnuz Mphathiseni Manqele, ngo-Agasti 2023. UManqele akafanga, waphuthunyiswa esibhedlela.
“Sifisa ukuthi isibhamu esitholwe kusomlomo siyohlolwa ukuthi asibandakanyeki yini ekufeni nasekudutshulweni kwalaba engibabalayo,” kusho uNtombela.
Uqhube wathi banxusa noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukuthi ungenelele ngokuhlinzeka amakhansela abo ngabaqaphi ngesikhathi kusenziwa uphenyo.
“Amakhansela eNFP ikakhulukazi umholi, uMnuz Ivan Barns oseZululand, amakhansela wonke ama-ward esifundeni iZululand kanjalo nawasoPhongolo - wonke awahlinzekwe ngabaqaphi,” kusho uNtombela.
Ebhekisa kuwona qobo amakhansela eqembu lakhe, uthe lawo azizwa engaphephile, awangananazi awaphumele obala ukuze ahlinzekwe ngabaqaphi nodaba lwawo lubikwe nasemaphoyiseni.
“Ngoba kuyethusa ukutholakala kwesibhamu esingekho emthethweni kumuntu okufanele ngabe nguyena osekhaleni lokuvikela amakhansela, abasebenzi namalungu omphakathi,” kusho uNtombela.
Wenezezela ngokuthi lokhu kuyakhathaza njengoba kunokhetho lokuchibiyela oluqhubekayo oPhongolo futhi kubhekwe nasokhethweni lomasipala ngonyaka ozayo.
Uthe balindele ukuthi aveze enkantolo ukuthi usithathephi isibhamu nokuthi sifike kanjani kuyena ngoba ngokwesikhundla sakhe emkhandlwini, uhlinzekwa ngabaqaphi abasezingeni eliphezulu.
“Uma ebezizwa engaphephile, bekumele azise umkhandlu,” kusho uNtombela.
Kuthintwa imeya yalo masipala, uMnuz Bhekinkosi Thwala ithe icela ukungaphawuli okwamanje ngalolu daba.
“Akukho engingakuphawula okwamanje ngoba nakuba ngiyimeya kodwa lona okhuluma ngaye wuye owusomlomo kamasipala. Kanti ungaphansi kweqembu le-IFP, nayo enomkhulumeli wayo,” kusho uThwala.