‘ISIKHATHI esiphila kusona sidinga ukuthi abantu bakhuthalele ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ngendlela efanele ukusiza ukuhambisana nesikhathi, nokungasaleli ngaphandle emathubeni amahle obuchwepheshe nezesayensi.'
Usho kanje umshayeli wamabhanoyi osemncane uMnuz Siboniso Sibisi, ecebisa ontanga yakhe ukuthi bangalubukeli kude ulwazi olwehlukene olutholakala kwi-internet, athi nayo lungenye yezinto ezimsize ukumbeka ezingeni akulona manje.
USiboniso (25) ubexoxa neSolezwe ngohambo lwakhe kulo msebenzi, adalule ukuthi uze ungena kulona nje wayengaqondile, njengoba ayephothule u-matric engazi lutho ngomsebenzi wamabhanoyi.
Uthe wenza i-Bachelor of Sciences in Life and Earth Sciences, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), ophikweni lwaseMgungundlovu ngo-2018.
“Kuthe sengizophetha izifundo zami ngo-2020, ngaphoqeleka ukuma kancane kuzona ngenxa yokubhoka kwegciwane iCovid-19, okwenza sangakwazi ukuqhubeka nokufunda ngaleso sikhathi. Yilapho okwathi ngizihlalele ekhaya ngathola ngamathuba okushayela amabhanoyi, engakuthola ngenxa yokuthi njengoba ngangisekhaya ngingenzi lutho olutheni, ngangenwa wumkhuba wokuhlale ngibheka izinto ezehlukene kwi-internet,” usho kanje.
Uthe lokho kwamsiza ngolwazi lohlelo lomfundaze wokwenza izifundo zamabhanoyi mahhala olwenziwa wuhlaka loMnyango wezokuThutha, iTransport Education Training Authority, olwamukela isicelo sakhe.
Waqeqeshelwa lo msebenzi iminyaka emibili, eFuze Aviation Academy khona eMgungundlovu.
Uthe: “Ngiyakhumbula nokuthi ngenxa yokubona amathuba ebengizowathola uma sengingene ngagamanxa kulo mkhakha, ngabonisana nabazali bami ukuthi ngishiye phansi izifundo engangizenza e-UKZN."
Uthe wayenzela ukugxila kulo mkhakha ngokugcwele.
"Manje sengisesigabeni engizothi uma sengidlule kusona kulo nyaka, bese ngivumeleka ukushayela amabhanoyi aphumela nakwamanye amazwe imbala, njengoba ngisagxile ekuhambeleni izikhumulo zezindiza ezahlukene ukusiza ukuthola amava omsebenzi.”
Ucebise abantu abasha ikakhulu abasezindaweni zasemakhaya ukuthi bangawabukeli kude amathuba emikhakha efuze lo, ngoba ingeminye yemikhakha enemali namathuba okuphila.
“Lo wumkhakha okusashoda kakhulu abantu abazosebenza kuwona, odinga ukuthi umuntu ofuna ukungena kuwona agxile ezifundweni zomkhakha wesayensi emabangeni aphezulu, bese futhi ekhuthalela ukuzihlupha ngolwazi lwawo ngoba lugabe nangamathuba emifundaze esiza ukucijelwa kuwona bhusende njengoba kwenzeka nakimi,” kusho uSiboniso.