INingizimu Afrika igubha uSuku lwaLungelo Abantu, okulusuku olwaziwa kakhulu nge-Human Rights Day. Lo mgubho wenzeka minyaka yonke ngoMashi 21, okuwusuku olunomlando omuncu walapho izwe liphuma khona njengoba abaningi belwazisa nge-Sharpeville Day.
Nonyaka lolu suku lufika esimweni lapho izwe libukeka lisezimpambanweni zendlela kuyo yonke iminxa yempilo. Lufika iningi lifunisela ngokuthi ngempela yikuphi okwenza iNingizimu Afrika izwe elibumbene nelilodwa noma lena yindidiyela yemihlathi engazani. Usuku lwamaLungelo nonyaka lufika lapho umhlaba udunguzela, nokugxabha kwamakhanda kubaholi abaqavile, kuvukuza ulaka kwabanye. Olwakusasa usuku sizolugubha sekuthanda ukuba luvindi emehlweni ukuthi kanti ukuba nayo yonke inhlobo yenkululeko namalungelo kusho ukuthini uma sizizwa sinqunu ngayo yonke indlela?
Umnotho uyantenga, amathuba emisebenzi avalekile, izinkulumo ezinohlalwane nokucwasa ziqale kwa-a, ubugovu nobudlova sebephuce izakhamizi ilungelo lokuhlala likhululekile lizizwe liphephile ezweni elibuswa umthetho.
Sigubha uSuku lwamaLungelo esimweni lapho imfundo esezingeni elihle, ukwelashwa okufanele nokuthola okuya ngasethunjini kuyinto yabathile abakwazi ukubhekama nezindleko zakho. Yize uMthethosisekelo ukusho kugcwale umlomo ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuvikeleka nokuphepha, ilungelo lemfundo esezingeni elilinganayo nokwelashwa okusezingeni elifanele kanye nokuba athole okokumaya, okwenzeka emiphakathini kuzichilizela le lezi zifungo ezisemiqulwini.
Mhlawumbe izinsuku ezihlonipha ukunqotshwa kwesitha sengcindezelo sekufanele zibukwe ngenye indlela, lapho kuzobukwa ukuthi sifuna izwe elinjani ukuze isizwe sibe nephupho elilodwa ngoba namatwayitwayi asinamathele asifica kahle siyinhlakanhlaka.