KUVUKE upelepele ogqokweni kuvuka amanye amacala okuthiwa bawenza abafowabo ababili bomsakazi woKhozi FM,
Kuzokhumbuleka ukuthi izelamani zakubo kalo msakazi, uMnuz Vika Biyela (okuthiwa usatshiswa okwenyoka embonini yamatekisi) nomfowabo omncane, uMnuz Bo Biyela, bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela emasontweni edlule.
Kuvuke amanye amacala ngesikhathi befaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoMsombuluko. Phakathi kwala macala kubalwa awezinsolo zokubulala. Icala labo libe selihlehliselwa uMeyi 5 kuyona inkantolo efanayo.
Umthombo waveza ukuthi laba baboshwa besembuthanweni okuthiwa kwakungowokujabulela ukufa komunye usomatekisi waseMpangeni.
Lo somatekisi kwahlaluka ukuthi wasocongelwa ukuthi lwase luseMome ukhetho lukasihlalo wamatekisi eMpangeni njengoba abaningi babefisa ukuthi kungene yena.
Kwavela ukuthi oBiyela baboshelwe icala lokubulawa kukasomatekisi, uMnuz Gagasi Sipho Mashiyane (49), isidumbu sakhe okuthiwa satholakala silahlwe ehlathini lasoBuka, iLuwamba, esehlakalweni okuthiwa senzeka ngo-2022.
Kusolwa ukuthi abambulala bamkhipha emotweni yakhe eyitekisi ayesanda kuyithenga.
Kwavela ukuthi imoto yatholakala seyikhishwe injini eduze kwakubo kwabasolwa.
Owomndeni kamufi owakhuluma neSolezwe, wacela ukuba kugodlwe igama lakhe, wathi kade azi vele ukuthi ngobani ababulala umfowabo.
"Ngazenzela olwami uphenyo ngathola ukuthi laba yibona ababulale umfowethu kodwa ngakhetha ukuzithulela njengoba labaya bantu bayingozi kabi,'' washo kanje.
Wathi okumqeda amandla ukuthi uye azibuze aziphendule ukuthi yini le engaka eyadala ukuthi abasolwa basoconge umfowabo owayenamatekisi amabili nje kuphela ekubeni bona benenqwaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNtambanana avula icala lokubulala kulandela isigameko sokutholwa kwesidumbu sowesilisa owadutshulwa ngoJulayi 27, 2022, kule ndawo.
Phambilini Isolezwe labika kabanzi ngokokhelwa kwamatekisi kaVika. Mayelana naleso sigameko, uVika wasola abathile wathi bamdlela umona.