MHLELI: Angithi qaphuqaphu, ngidedele abanye ngemvume yakho. UZimdollar (Zimiphi Biyela) nguyena umhleli womcimbi iMother of all Maskandi obekubangwa khona imoto iQuantum.
Okungiphatha kabi yinkulumo kaZimiphi engumhleli lapho ezwakale khona ethi: "ULimit akawiniswanga nje yivoti, imisebenzi yakhe embeke lapha ekhona nanabantu-ke abamvotele".
Okungididayo kule nkulumo kaZimiphi ukuthi uma ethi akusilo ivoti kuphela eliwinise uLimit, kanti yini enye ebhekwayo ebesingayazi kulo mqhudelwano? Ngabe uZimiphi kukhona akwaziyo?Ungumhleli womcimbi, ukhuluma kanjani inkulumo enjena ekubeni vele kunezinsolo zomkhonyovu obuwenziwa?
Ngabe okwenzeka ebumnyameni sekuyavela vele? Angifuni ukwanda kakhulu kodwa ngithi ohlakaniphile usebonile.
Mpha Omnyama
KWAMTEYI