MHLELI: Ngingumlandeli wemisakazo emikhulu nemincane futhi ngiyaqinisekisa ukuthi ohlelweni engilulalelayo kusuke kunomsakazi olushayayo.
Iqiniso lithi umsakazo Ukhozi FM bengingazihluphi ngokuwulalela, ikakhulukazi ngeSabatha ngoba beluhlasela ngabasakazi abangenasigqi. Empeleni uhlelo iSigiya Ngengoma ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini belungalaleleki nhlobo ngenxa yokuthi belushayelwa abantu abangenana emlonyeni, uTshathugodo Ngobe noBingelela Mpanza. UTshatha ungcono kabi eziphushela olwantambama.
Uyabona umuntu obemphazamisa kakhulu umsakazi uBingelela Mpanza. Empeleni le ntokazi ngiyazi emsakazweni iRise FM okuwumsakazeli womphakathi waseMtubatuba. Le ntokazi iyahlupha ngokungenana emlonyeni. Mhlawumbe kumele yazi ukuthi ayisalalelwa ojahidada, isilalelwa abalaleli abamnkatshubomvu kwezokusakaza. Kumele ayiyeke le nto yakhe uThabekhulu ngoba ilimaza uhlelo.
Okunye usefakwe nensizwa elwaziyo udaba lwayo kwezokusakaza, okuwuSothole. Ngizoqala ngishayele ihlombe umphathi woKhozi FM ngokulanda uVusizwe Langa ukuba ezophusha uhlelo oluthandwa kakhulu iSigiya Ngengoma. Le nsizwa ngiyazi isaphusha emsakazweni iJozi FM, okuwumsakazo ozinze eGoli.
Okungenza ngimbone ezoletha abalaleli ukuthi ungene wabiza wonke amahostela aseGoli, wawabala wonke ewabingelela. Uzakwabo uBingelela bese kumele angene abingelele amahostela aKwaZulu-Natal wonke njengoSothole. Kunalokho uvele wamngena emlonyeni njengenjwayelo.
Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi umdidiyeli wohlelo angenelele ukulungisa lesi simo. Mhlawumbe kumele uBings akwamukele ukugxekwa ukuze akheke kwezokusakaza. Lokhu ngikusho ngoba wake waphawula ezinkundleni zokuxhumana wathi akanandaba nabamgxekayo. Mina ngakolwami uhlangothi, usengalungiseka uBings uma engase ayeke ukungenana emlonyeni. Ukungenana emlonyeni kuzwakala kabuhlungu kumlaleli olalele. Le nto ifana nomsakazi ogijima phezu kwengoma isadlala.
Mina ngisamdinga uBings kuSigiya Ngengoma ngoba ubesakaza lona uhlelo lukamaskandi emisakazweni emincane. Nginesiqiniseko sokuthi uzofunda uma engehlisa nje kulokhu engikushoyo.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU