KUNGAPHEZU kwethu ukuphawula ngezinqumo ezisuke zikhishwe yinkantolo ngemuva kokuthethwa kwamacala, ikakhulu ngoba ubulungiswa abusebenzi ngemizwa nezinseka futhi abunahlangothi olubukhali nolubuthuntu ukwedlula olunye.
Kodwa kunzima ukungabhekisisi okushiwo yiJaji ecaleni likaMfundisi uTimothy Omotoso obebekwe amacala abucayi okunukubeza ngocansi. Lapha kuvele ukuthi abezokushushisa badembeselile ngokungasingathi ngendlela icala okuholele ekutheni adedelwe njengomsulwa ummangalelwa.
Yishwa elesabekayo leli ngoba okushiwo yijaji kunenhlese yokuthi ubufakazi obethuliwe yilabo abathinteka kula macala okudlwengula, isihluku socansi nokucumbaza, bekungatholakala isinqumo esehlukile kulesi esikhishiwe ukuba abashushisi babephapheme.
Ngale kokusola kakhulu abezokushushisa, singeke sakubalekela ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nenkanankana ngendaba yokudlwengulwa kwabantu besifazane nezingane. Okwenza le nkinga iqonge mawala yikuthi iningi lale mikhuba lenzeka esimeni lapho abesifazane noma izingane becabanga ukuthi baphephile khona.
Akuyona imfihlo ukwanda kweziga lapho abadlwenguli nabanukubezi kuba ngabantu abasondele noma abathenjiwe yizisulu. Singakusho ngaphandle kokushwathiza ukuthi abefundisi, obaba, obhuti, omkhulu, omalume, abangani, abalingani emsebenzini nezinye izihlobo kanye nomaqondaba uqobo abasuke beseduze nezisulu yibona bantu abavame ukugila le mikhuba bese bekwazi ukugcina bengajezanga ngezenzo zabo.
Iningi lalezi zimo zenzeka zinyathelwa ngaphakathi emindenini, kokunye abagilwa besabe ukubhoboka ngezizathu ezehlukene, bafele phakathi nesilonda esingaseyikuphola. Kuyacaca-ke ukuthi ubunuku obuningi bufihlwa khona emiphakathini, emisebenzini nasemindenini bungafiki nasezandleni zomthetho ubufakazi. Kushiya iphunga elibi ezandleni zabashushisi ubudedengu bokusingatha icala lale nceku edabuka eNigeria eyabanjwa isizama ukushaya ichithe belu.