UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uncome abaseshi abenze uphenyo oluholele ekugixabezweni kukaLindani Gcumisa waseMbali, eMgungundlovu, ngodilikajele abane.
UGcumisa ulahlwe ngamacala okudlwengula izingane zabafana ezineminyaka engu-10, 12, 13 neno-9, emzini wakhe.
UMkhwanazi ubuye wabonga iNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngokugcina ithole uLindani enala macala.
"Ukudlwengula kuseyisihlava esiphathisa amaphoyisa ngekhanda KwaZulu-Natal, ngakho izigwebo ezifuze lezi zigqugquzela amaphoyisa ukuba asebenze ngokuzikhandla ukuxazulula amacala okudlwengula. Abagilwa bayakhuthazwa ukuba baphumele obala futhi bavule amacala fbazi ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka."
Ngokwesitatimende samaphoyisa uLindani ubenukubeza laba bafana emzini wakhe oselokishini laseMbali Unit 18, phakathi kukaFebhuwari noMashi nyakenye.
Isigwebo sikhishwe ngo-Ephreli 11.
"Ebusuku ngoFebhuwari 23, 2024, umfana oneminyaka ewu-12 wathunywa esitolo nabangani bakhe ababili. Ngesikhathi esesitolo, uGcumisa, obaziwa ngelika-Uncle Lee, wabiza umfana oneminyaka ewu-12 maqede wamyisa endlini yakhe lapho afike wamdlwengula khona. UGcumisa wabe esemupha uR5 maqede,wamyalela ukuba angalinge atshele abanye. Kwathi umgilwa esebuya, omunye wabangani wamyalela ukuba akhumule ibhulukwe ukuze amhlole izinqa. Emuva kokuqaphela ukuthi kunoketshezi, abangani bayalela umgilwa ukuba abikele unina."
Siqhuba isitatimende sithe kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula maqede uGcumisa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
"Kwenziwa uphenyo olunzulu elwaveza ukuthi kwakungekhona okokuqala u-Uncle Lee edlwengula umgilwa. Abaseshi boPhiko olubhekene noDlame, ukuVikelwa kweziNgane nokuNukubeza ngokoCansi, bathole ukuthi nabangani bomgilwa, oneminyaka eyishumi nono-13 kanye nomfowabo womunye wabagilwa oneminyaka eyisishiyagalolunye, nabo badlwengulwa ngu-Uncle Lee, kwabe sekwengezwa amanye amacala," kuphetha isitatimende.