KUVELE isizathu okuyisona okusolwa ukuthi saba yimbangela yokubulawa kwephoyisa loMkhandlu weTheku, uConstable Zwelakhe Thomas Ntombela.
Umufi wadutshulwa washona ngabantu abangaziwa esigamekweni esenzeka esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, eningizimu yeTheku, ngo-2023. Waphuthunyiswa esibhedlela, iSiphingo Medical Towers, okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngokuhamba kwesikhathi, kwaboshwa inkabi uMzo Ntombela eyageqa amagula itshela inkantolo ukuthi yayithunywe ngumkamufi, owayesebenza eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, uFaith Nongcebo Ntombela.
Emuva kokuba seyigwetshiwe inkabi, wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela uFaith kanye nothishanhloko wasesikoleni saKwaMaphumulo, iMpumulwane Primary, uMnuz Sithembiso Khumalo. Kwavela negama lenkabi eyesatshwayo engeyaKwaMaphumulo, uKhulani Cele, ovele usejele ukuthi naye wabamba iqhaza elikhulu ekubulaweni kukamufi.
UFaith ugqigqe eNkantolo yaseMlaza neyaseThekwini kwaze kwafika isigaba lapho agonyuluka khona, evuma icala lokubandakanyeka ekubulaweni komyeni. Evuma icala enkantolo yaseScottburgh, akazange agxile kakhulu emnyombweni wokubulawa komyeni, kunalokho wathi ubehlukumezeka emshadweni.
Waveza nokuthi walingwa yinkabi uCele ukuze kuhlanganiswe itulo lokubulawa kukamufi. Wagonyuluka ngokuthi lwase luvutha amalangabi uthando phakathi kwakhe nenkabi.
Nokho muva nje, umthombo weSolezwe uveza ukuthi empeleni ukubulawa kukaNtombela kuyamene nomshwalense waseMetropolitan, owawusuvuthiwe owawuthathwe uFaith ngo-Okthoba 1, 2009.
Isolezwe linayo ikhophi yomshwalense, lapho kuvela khona ukuthi uFaith nyanga zonke ubekhokha u-R1 300.
Isihlobo esisondelene noFaith, esingeke sidalulwe yisona okuthiwa sasizohlomula kulo mshwalense.
Kuvela nokuthi sasizohlomula u-100% okusho ukuthi uma kwenzeka edlula emhlabeni umufi, lesi sihlobo sasizothola yonke imali.
Umthombo uveza ukuthi isihlobo sathatha umshwalense senzela ukuthi uma kubonakala sesiphila impilo entofontofo, kucatshangwe ukuthi yimali yempesheni kanti yimali yokubulawa kukaNtombela.
Leli phephandaba lihabule ngomthombo walo ukuthi isihlobo kukhona okusina kusijeqeza njengoba igama laso lilokhu livela kaningi kuleli cala.
Kuzokhumbuleka ukuthi isihlobo besivamise ukuza eNkantolo yeMantshi yaseMlaza sizokweseka uFaith, kodwa sagcina singasezi.
Kwenzeka lokhu nje, eNkantolo eNkulu yaseThekwini kuqulwa icala likathishanhloko uKhumalo, njengoba yena ala waphetha ukugonyuluka ngokubandakanyeka kuleli cala.
UKhumalo ungaphandle ngebheyili.
UFaith iNkantolo eNkulu yaseThekwini yamgixabeza ngesigwebo sikadilikajele, yamgixabeza ngeminyaka emihlanu ngecala lokuhlela ukubulala, eminye emihlanu ngecala lokweba isibhamu somyeni wakhe nonyaka owodwa ngecala lokunikezela ngolwazi olungamanga emaphoyiseni.
Wakhala encenga inkantolo ethi akathandi ukugwetshwa phambi kwabantwana bakhe.
Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela, uthe sebeyazi manje ukuthi kungani kwabulawa umufi, wathi bayajabha kodwa ukuthi kwakungaze kuphume umphefumulo ngenxa yemali.