UKHALA ngokuphenduka umhlanganyelwa kwesethenjwa somgadli wakhe, uLucas Ribeiro, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
URibeiro (26) ubebhokile ngokubhakuzisa inethi, edlula kalula ezitobheni kusukela kuqale le sizini, njengoba kunguyena osazihola phambili ngokuhlohla amagoli angu-13 kwiBetway Premiership.
Muva nje ziyamphika izinto njengoba sekuphele imidlalo eyisikhombisa kuyo yonke imiqhudelwano engayiboniswa inethi.
Nasemdlalweni wakamuva lapho iSundowns ihluleke khona yancama ukukhahlela ibhola eliqonde kunozinti ibambana ngo 0-0 ne-Al Ahly kowandulela owamanqamu eCaf Champions League ngoMgqibelo, uRibeiro uhlulekile ukudlubulundela ezitobheni.
Ugcine ukushaya igoli iSundowns ibambana ngo 1-1 neLamontville Golden Arrows, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMashi 5.
Okuqaphelekayo ukuthi amaqembu amaningi ePremiership asevele athumele abadlali ababili noma abathathu ukuthi bamake uRibeiro, ukuze angakwazi ukwenza umathanda enkundleni.
“Ngemuva kokushaya amagoli sibhekene ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, okuqaphelekile ukuthi amaqembu abekhathazekile ngaye (uRibeiro). Abadlali ababili noma abathathu bese beqala ukumhlanganyela, benze kube nzima kuyena ukudlala. Ngenxa yalokho asisamboni ekhululekile enkundleni,” kusho uCardoso.
“Into ebalulekile ukuthi abanye abadlali bakuqonde ukuthi uma uRibeiro ehlanganyelwa abadlali abathathu, kuvuleka izikhala okumele bona bangene kuzona. Yena kumele azame ukudedela ibhola ngokushesha uma empintshwe abadlali abaningi. Kodwa ngiyazi ukuthi uzobuyela endleleni adlala ngayo kungekudala.”
Ngaphandle kukaRibeiro, kulo mdlalo wangoMgqibelo womlenze wokuqala iSundowns ikhombise obukhulu ubuthuntu phambi kwamapali, ngisho nomunye wabagadli baleli qembu, uPeter Shalulile, ubecwile kakhulu. Kuphele imizuzu engu-90 unozinti we-Al Ahly, uMohamed El Shenawy, engavimbanga nelilodwa ibhola elinzima ebeliqonde kuye.
Kubhekeke ukuba uRibeiro nabanye abagadli bamaSandawana bavuke bazithathe bazame ukutholela leli qembu amagoli amqoka azolisiza lidlulele kowamanqamu eChampions League emlenzeni wesibili ne-Al Ahly, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, eCairo International Stadium, eCairo, e-Egypt.