IZIQHATHE nolaka lweMK iMeya kaMasipala waseMpofana esolwa ngokuphoqa intsha engaphansi kohlelo lokuthuthukiswa komphakathi, ukuba ivotele i-ANC okhethweni lokuchibiyela olukulo mkhandlu.
IMK ithe ifuna ukuthi athathelwe izinyathelo, uNkk Maureen Magubane, okuthiwa usabise ngokuthi ngeke bahole abazohlulwa wukudansela isigingci sakhe.
Le nkulumo kuthiwa uNkk Magubane uyenze eqoqweni likaWhatsApp lentsha esebenza kulolu hlelo.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale inkulumo eqoshiwe okusolwa ukuthi ngekaNkk Magubane, lapho okhulumayo ezwakala esongela intsha ekulolu hlelo.
Umbango ushisa phansi okhethweni lokuchibiyela oluku-ward 4 kulo masipala namhlanje.
Amaqembu abangayo yi-ANC, MK ne-IFP.
Ngokuthola kweSolezwe abasebenzi abasohlelweni lomphakathi basanda kuqashwa futhi bathenjiswa ukuthi bazohola emva kokhetho lwanamhlanje.
Umthombo uthe uNkk Magubane wenza uhlelo lokuthi yonke intsha esohlelweni lokuthuthukiswa komphakathi ivote ngokukhethekile.
"Isidumo siqale ngoMsombuluko ngesikhathi esekhipha umyalelo wokuthi bonke abahambe bayovota. Umbhalo uwufake eqoqweni likaWhatsApp. Kulo mbhalo uthe bazozibona ukuqeda abangeke bavote, wathi akafune bantu abazolokhu bebeka izaba."
Umthombo uthe abanye abayingxenye yaqoqo babe sebeputshuza umbhalo bawunika amalungu eMK.
"Kulapho imeya ivele yadinwa wagana unwabu. Ivele yakhwela yadilika kubona bonke abaseqoqweni, efuna ukuthi bakhiphe abaputshuze inkulumo."
Enkulumeni esabalale ezinkundleni zokuxhumana, kuzwakala lona okuthiwa uNkk Magubane esabisa ngokuthi ngeke bahole bonke abasebenzi uma bengasho ukuthi ubani oputshuze inkulumo.
"Uma ningamkhiphi lo muntu, nizozibonela. Ngeke nihole."
Umthombo uthe emva kwalokho, uNkk Magubane ube eseqala ukukhipha eqoqweni labo abasola ngokuthi baputshuze inkulumo.
"Nizongibona ke manje ukuthi ngingubani, ngizobhekana nabo. Sengiqalile ukubakhipha. Ngeke ngidlale abantu abathathu ebantwini abangu-1 000. Sengibatholile ukuthi bangobani. Senifuna ukungifaka usathane, ningenzisa into ebengingafuni ukuyenza. Ngifuna ukubona ukuthi nizohola yini," kuqhubeka lo muntu okuthiwa nguNkk Magubane.
UMnuz Mlu Zondi weMK Labour Desk, uthe bazolwela ukuthi bonke abasebenzi bayithole imiholo yabo.
"Abasebenzi kufanele bayithole yonke imiholo yabo ngoba bese besebenzile. Le nto eyenziwa uNkk Magubane ayikho emthethweni. Sizolandelela, sifuna nokuthola ukuthi yimuphi umnyango kahulumeni oxhasa lolu hlelo."
UZondi uthe uNkk Magubane akanalo ilungelo lokuphoqa abantu ukuthi bavotele i-ANC.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNkk Magubane ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, futhi akazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.