AMAPHOYISA aqale phansi nesicelo sosizo lomphakathi waKwaZulu-Natal ngomsolwa owaziwa ngelikaLinda “Mjinja noma Putin” Hlongwa okukholakala ukuthi wabulala isinqandamathe sakhe (22) nonina waso (52).
Laba kuvela ukuthi babulawelwa ekhaya labo ngoMashi 18, nonyaka, eNazaretha, Pinetown.
UHlongwa wake waboshwa ngoJulayi 20, 2020, etholwa nesibhamu kanye nezinhlamvu emgwaqweni uKuthula eSt Wendolins, eMariannhill.
Wadedelwa ngebheyili kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu, akaphindanga walubhada enkantolo. Yilapho-ke amaphoyisa akhipha khona izithombe zakhe emphakathini acela ukufuniswa yena.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthe le nsizwa ephinde yaziwe ngelikaMjinja iyamaniswa nenqwaba yamacala okuqola futhi kunemibiko yokuthi iphinde isabise osomabhizinisi eMariannhill nasezindaweni ezakhelene nayo.
IQALE kabi impelasonto eThekwini ngesiphihli sengozi enyantisa igazi eyenzeke kuN3.
UKHONJWA eThekwini lapho kuthiwa ubhace khona osolwa ngokubulala intombi yakhe nodadewabo ecikwa ukwaliwa, esigamekweni esishaqisayo esenzeke Esidakeni, Obuka, emasontweni amabili edlule.
"INkantolo yeMantshi ePinetown yakhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngoSepthemba 9, 2024."
Amaphoyisa acela onolwazi ngaye, athinte uColonel Sikhakhane kule nombolo; 079 696 3546 noma asebenzise ethi: 08600 10111.