SIQUBULE imibuzo isinqumo soMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, sokunciphisa imali ebekelwe izinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezidakamizwa.
Ikomiti leziMali esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, lifuna ukwazi ukuthi akukho yini lapho umnyango obungaphundla khona kunokuba unciphise imali yalezi zinhlelo.
Umnyango uzonciphisa ngezigidi zamaRandi imali yalezi zinhlelo kule minyaka emithathu ezayo.
Lokhu kuvele ngesikhathi umnyango uvele phambi kwekomiti, ngoLwesihlanu.
Kulo nyaka wezimali isabelo salezinhlelo sizonciphiswa ngo-R19 million, bese sinciphiswa ngemali engaphezu kukaR20 million kule minyaka yezimali emibili elandelayo e.
Umnyango uthe le mali incishiswe ukuze kuholelwe abasebenzi, kuphinde kuqashwe abanye abasebenzi.
Umnyango uthe ukunyuswa kwamaholo abasebenzi bakahulumeni ikhona okwenze ukuthi ungabi nayo imali eyanele.
Umnyango ukhale ngokuthi awunayo imali eyanele yokuholela abasebenzi ngenxa yokunyuswa kwamaholo abasebenzi bakahulumeni.
Ilungu lekomiti, uMnuz Lourens de Klerk, lithe likhathazekile ngokuncishiswa kwesabelo salezi zinhlelo.
"Ngikhathazekile ngokuthi uhlelo olubaluleke kangaka luyaphazamiseka ngenxa yokuthi umnyango awunayo imali yokunyusa imiholo yabasebenzi. Ayikho enye indlela obekungenziwa ngayo?"
UDe Klerk uthe akuqali manje ukuncishiswa kwale mali.
"Ngeke kube lula. Inkinga selokhu yaqala ngo-2021 ngesikhathi uhulumeni kazwelonke unciphisa isabelomali esitholwa iKwaZulu-Natal."
UDe Klerk uthe uhulumeni kazwelonke kufanele wandise isabelomali seminyango yezifundazwe uma kunyuselwa abasebenzi bakahulumeni imiholo.
"Manje umnyango ukulesi simo esibi ngenxa yesinqumo esathathwa uhulumeni kazwelonke. Le simo sizophazamisa ukuhanjiswa kwezidingo."
Inhloko yomnyango, uNkk Nelisiwe Vilakazi, ithe akuzange kube lula ukuthi banciphise imali yalezi zinhlelo.
"Sibukile ukuthi ikuphi lapho singanciphisa khona, besibhekene nesimo esinzima. Uqinisile ukuthi lolu hlelo esinciphise kulo lubalulekile kakhulu. Lana sikhuluma ngezinhlelo zokunciphisa kanye nokubhekana nokuhlukunyezwa kwabesifazane."
UNkk Vilakazi uthe ukunciphiswa kwale mali akusho ukuthi umnyango awuzoqhubeka nezinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
"Siyakholelwa ukuthi sizogcina sikwazile ukusinqoba lesi sihlava. Indlela esifuna ukuyilwa ngayo lena ukuthi siqhamuke nezinhlelo zokuthuthukisa abesifazane ukuze singeke sibe nesimo lapho siphezulu isibalo sokuhlukunyezwa kwabesifazane."
UMphathiswa womnyango, uNksz Mbali Shinga, uthe akusilona lodwa lolu hlelo olushayekile ngenxa yokunciphiswa kwemali.
"Ngesikhathi sivele kwelinye ikomiti lalapha esiShayamthetho, ngiyakhumbula ukuthi kwaba khona isikhalazo ngokunciphiswa kwemali yolunye uhlelo olubalulekile."