UHLANGABEZANE nembibizane owesifazane wakwaG eNtuzuma, ethi uyofuna usizo emtholampilo wale ndawo, wazithola esexhinfwa wunogada ngezibhakela, wamhlephula izinyo, kwaxega namanye.
Kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibelo, esibatshazwe yiwo wonke umuntu ezinkundleni zokuxhumana, kushaywe uNksz Nomfundo Muthwa (23), obehambise ingane (3) egulayo.
Elandisa Isolezwe ngesehlo, uNksz Muthwa, uthe senzeke emva kokusuka komsindo, iziguli ebezifike emva kwakhe, zikhala ngokulinda isikhathi eside, zinganakwa muntu ekubeni abahlengikazi bengematasa.
Uthe ukushaywa kwakhe kususwe ukuqaphela konogada ukuthi uqopha i-video yenkulumo mpikiswano ebiphakathi kwabahlengikazi, onogada nabesifazane ebebekhala ngokulinda isikhathi eside.
“Ngiqale ngahlaselwa omunye unogada, ezama ukungiphuca iselula. Angazi ukuthi ubebone ngani ukuthi ngiyaqopha ngoba iselula bengiyifihle ngekhadi lengane. Lo nogada wehlulekile ukungiphuca iselula, wangiyeka,” kusho uNksz Muthwa.
Uthe kungenelele unogada wesibili, yena okwazile ukumphuca iselula yakhe.
“Ngimyalele ukuthi akayibuyise, kwathi eseyibuyisile, wangishaya ngequpha kabili. Kuhlephuke izinyo elilodwa, amabili axega. Igolide eliwu-T ebengilifakile, nalo livele laphuma, ngopha ngaso leso sikhathi,” usho kanje.
Uveze ukuthi onogada abagcinanga ngokuhlukumeza yena kuphela, kodwa nalaba besifazane abebekhala, babagxavune ngamawashingi, bayobadalakaca ngaphandle kwesango lomtholampilo.
Udalule nokuthi ngaphambi kokushaywa kwakhe, kuke kwenzeka isiwombe angasiqondanga ukuthi simayelana nani nomunye unogada wesifazane.
“Ngingene ngesango, unogada wesifazane wangiyalela kahle lapho okufanele ngiye ngakhona. Ngithe sengisondele ezihlalweni abengikhombise zona, wangimemeza, ethi angijike ngiyongena ngesango labahamba ngezinyawo, njengoba bengingene ngelabahamba ngezimoto,” kusho uNksz Muthwa.
Uthe umbuzile lo nogada ukuthi kungani emjikisa esefikile, waphendula ngelithi “ngoba awusiyo imoto”.
“Ngivele ngangabe ngisamphendula, ngaqhubeka ngayohlala ezihlalweni, wangilandela wazongitshela ukuthi angofunda ukuhlonipha umuntu emsebenzini wakhe, wase ethi ufisa sengathi ngingahlala umlibe ngingasizakali,” kusho uNksz Muthwa.
Uthe nakuba yena engazange akhale ngokulindiswa isikhathi eside ekubeni ebefike kuqala kunalaba besifazane abagcine bekhala, uyakholelwa ukuthi ukulindiswa kwakhe isikhathi, bekumayelana nokuthi uzibe umyalelo kanogada, obemphindisela esangweni labezinyawo ekubeni esefikile ezihlalweni zeziguli.
I-EFF ihambe yayomasha ngaphandle kwalo mtholampilo ngoLwesibili.
UMgqugquzeli waleli qembu eNorth Central Sub Region, uMnuz Mandla Ngubane, uthe: "Sidumele ukuthi amaphoyisa avule icala lokushaya, ekubeni isigameko singena ngaphansi kwamacala okushaya ngenhloso yokulimaza kanzima. Kusiphatha kabi ukuthi kunonogada abahlukumeza iziguli, ziyofuna usizo emtholampilo."
“Ngizwa kuthiwa umsolwa umisiwe emsebenzini. Akungenelisi lokho. Ngifuna aboshwe, icala alenzile likhulu kakhulu engihlasela ngingumuntu wesifazane ngizofuna usizo emtholampilo,” usho kanje umgilwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokushaya kulandela isigameko lapho owesifazane (23) eshaywe khona unogada emtholampilo ngo-Ephreli 5.
Siye koshicilela uMnyango wezeMpilo ungakaphenduli ngalesi sehlakalo.