UPHROJUSA no-DJ ogqame ngezingoma zama-piano uDe Mthuda usedalule ukuthi konke kumi ngomumo nge-albhamu yakhe yesishiyagalombili, nayo ezobe ishaya ngesigqi aziwa ngaso sama-piano, akholwa wukuthi izobe ingehlukile kunawo wonke aseke wawakhipha.
UDe Mthuda usho njalo elandisa ngale albhamu, egabe ngezingoma eziwu-12 esihloko sithi Mthuthuzeli, ezoqala ukutholakala ezitolo ezahlukene zomculo ngo-Ephreli 30, nasebenze kuyona namaciko amaningi okukhona kuwona oMthunzi, Murumba Pitch, Tman Express, Sino Msolo, Young Stunna noKabza De Small ukukha nje phezulu.
Uthe lena ingemqoka kakhulu kuyena, yingakho eyiqambe ngegama lakhe langempela ukuthi Mthuthuzeli ngenxa yokuthi ubefuna kugqame umyalezo azowedlulisa ngayo wokuthi asebenzise ubuciko bomculo ukuchaza uhlobo lomuntu awuyena kubalandeli bakhe.
“Ngizosebenzisa umculo ukuveza obala ukuthi ngiwubani nokuthi ngifike kanjani kulesi sigaba sempilo engikusona manje, futhi kolalele izingoma ezikuyona uzozwa ukuthi ngenze kanjani ukuthi konke lokho engidlule kukho empilweni yami kungaguquli uhlobo lomuntu engiyilona.
“Izingoma engizididiyele kuyona zizobeka obala ukuthi ngisesigabeni lapho esengibheke ingqubekelaphambili kuphela nempilo yami, futhi kuzohlaluka nokuthi akusekho lutho namuntu ongangibuyisela emuva. Lokho ngikusho ngoba ngazi nendlela ehlukile ebengizizwa ngayo ngenkathi ngipheka le albhamu, obekunento okungathi iyangishusha ukuthi ngiyikhiphe ngokushesha, njengoba sesila esikhona manje,” kusho uDe Mthuda.
Leli ciko elibuye laziwe ngokuthi yi-Landlord of Amapiano, igama lalo lokuzalwa wuMthuthuzeli Gift Khoza. Lidabuka eVosloorus, eGoli, kanti laziwa ngezingoma esingabala kuzona iShesha Geza, Emlanjeni, John Wick, Abekho Ready neSgudi Snyc.
IMthuthuzeli yelama ama-albhamu akhe ayisikhombisa okuqala athi Forever yango-2018, Story To Tell Volume 1 ne-Ace of Spades ngo-2020, Landlord ne-The Landlord 2.0 ngo-2021, Story To Tell Volume 2 ngo-2022 neBaba Yaga agcine ngayo ngo-2023.