UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal Lieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi unikeze abe-IOL isiqiniseko sokuthola incwadi yokuhoxiswa kophenyo abebhekene nalo.
Uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID, lwaveza ukuthi luphenya umkhuzi wamaphoyisa eKZN, kulandela ukuthola isikhalo ngokuziphatha kwakhe ekuphazamiseni ukuboshwa kwesikhulu sezokuHlunyeleliswa kweziMilo eRichards Bay, ngo-2023.
Lolu phiko lwacela umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal ukuba athumele isitatimende esifungelwe ukuphendula imibuzo athunyelwe yona.
"Lolu phenyo luwumphumela wesikhalo esingaziwa esivela emphakathini. I-IPID imile kwelokuthi nakuba ithola izikhalazo emithonjeni eyahlukene, uphenyo lwayo luhlala luzimele futhi aluchemile," kusho i-IPID.
Kuthintwa okhulumela i-IPID, uLizzy Suping ngezinguquko zakamuva, wenqabile ukuphawula mayelana nokuthi incwadi isihoxisiwe yini, wathi uphiko ludinga ukunikezwa ithuba lokuqhubeka nophenyo, luzophendula uma umsebenzi usuwenziwe.