ABESEKA uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini embangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu, bavuma ubunzima bezindleko zecala.
Bathe ubunzima bezindleko zecala yibona obenze ukuthi bacele abantu ukuba babasize.
Icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu lizongena eNkantolo okuDluliswa kuyo amaCala aDlulisiwe, ngasekupheleni kwenyanga ezayo.
Leli cala laqala ukuqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho inkantolo yachitha isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Ngempelasonto abeseka uMntwana uSimakade bakhiphe imininingwane yasebhange lapho benxusa abantu ukuthi babaxhase ngezindleko zecala.
Okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uNdabenhle Zulu, uthe ukulwela isihlalo sobukhosi bukaZulu ezinkantolo, kudinga izigidi zamaRandi.
Uthe okwenza ukuthi kuzwele kakhulu kubona wukuthi uhulumeni uxhasa uhlangothi olulodwa.
"Kunzima kakhulu. Sisesimeni lapho kubanga abantu ababili baseNdlunkulu, kodwa uhulumeni uqoke ukuxhasa uhlangothi olulodwa. UMnuz Francois Rodgers, (uMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal), ngesikhathi ekhuluma waveza ukuthi bazokhipha u-R10 million wokuxhasa (iSilo) ngezindleko zecala. Thina asizange sinikwe lutho."
Uthe zikhula nsuku zonke izindleko zecala.
"Yilesi sizathu esenze ukuthi siphumele ngaphandle, sicele abantu ukuthi baphonse. Thina lapha enkantolo sinabameli ababili, u-Senior Advocate ne-Junior Advocate, Engingakusho wukuthi le mali ifika ezigidini zamaRandi. Lapha emhlabeni kunzima ukunqoba icala uma ungenayo imali. Icala lingakudla impela ngenxa yokuthi awunayo imali."
Uthe abantu sebeqalile ukulalela ikhwelo lokuba baxhase.
"Nakuba isimemezelo siphume ngempelasonto ematasa, abantu bakwazile ukuxhasa . Bakhona abangithumelele ubufakazi bokuthi sebephonsile. Njengoba amaholidi asedlulile, nginethemba lokuthi sizonyuka isibalo sabantu abaphonsayo."
Uthe imali ifakwa ngqo kubameli boMntwana uSimakade, abakwaHammann Moosa Incoporated.
"Kubalulekile ukuthi wonke umuntu afake isandla ngoba lolu wudaba olubalulekile oluthinta isihlalo. Isihlalo sobukhosi esikaZulu, iNdlunkulu ingababheki besihlalo."