ABACULI begqom' abebengamathe nolimi, uNdumiso "Madanon" Ndimande waseMlaza, noSinethemba "Mreyza" Sibisi waseMayville, abasabhekani.
Isolezwe lithole ukuthi okuqhathe abaculi ukuthi uMreyza usola uMadanon ngokudla amandla akhe.
UMreyza (30) akusiye umculi osafufusa kodwa useneminyaka eyibambile kule ndima kangangoba uqale ukuduma ngengoma ayenza noMadanon ethi Ethekwini nayenza noBhizer ethi Vezithanga. Ngaphandle kwalokho ubuye wasebenza noMahoota vs Vetkoek noCharacter Langa kwi-albhamu ethi Local Everywhere.
UMreyza waseMayville, uvumile ukuthi abasezwani noMadanon kangangoba akasekho nangaphansi kwenkampani kaMadanon, iPhuzukufa Records ngenxa yokuthi umxhophe kakhulu eminyakeni edlule. Uthe uMadanon ubehlale emcela ukuba ambhalele amavesi abewacula kwezinye izingoma ezishise izikhotha.
"Bengikwenza lokho ngoba ngazi ukuthi ngokomthetho kufanele angibhale njengomunye wababhali bezingoma ukuze ngikwazi ukuhola imali yama-royalties uma abakwaSamro sebekhokha ngokudlalwa kwezingoma emisakazweni kodwa ubengakwenzi lokho. Okudale ukuthi ngingatholi ngisho nendibilishi ngezinhlamvu zami ngala mavesi engiwaqambile," kuchaza uMreyza osebenze nyakenye noBiza Wethu noCaptain engomeni ethi Motherland.
Ezingomeni athi uMreyza ubambe iqhaza kuzo futhi ezinoMadanon ekaQue ethi People Are Burning, ekaDJ Boonu ethi Abangani Bami, ekaBabes Wodumo ethi Thobeka nekaVetkuk & Mahoota ethi Watatazela.
"Lezi zingoma zibe yimpumelelo futhi zadlalwa kakhulu. Ukube ngangibhalisiwe njengombhali, ngabe nami kukhona engikutholayo ngoba angikaze ngithole nesenti kwaSamro," kusho lo mculi osenenkampani yakhe iMreyza Records.
Ebuzwa ukuthi ubembhalela kanjani uMadanon, uMreyza uthe ubehlale ethumelela uMadanon izingoma nezinhlamvu zazo nge-voicenote kwiWhatsApp.
"Ngebhadi bengingawagcini lawo ma-voicenote ngoba bengingacabangi ukuthi ngiyawadinga ngoba bengicabanga ukuthi uMadanon ubezokwenza ubulungiswa."
UMreyza uthe uqale ukusebenzisana noMadanon kusukela ngo-2013.
Eziphendulela uMadanon ukuqinisekisile ukuthi uyamazi uMreyza.
"Umjitha wami engisasebenzisana naye kakhulu e-studio uma sibhala umculo. Nami ngiwumbhali wezingoma. Ngokuqonda kwami, uMreyza waziwa njengomqambi wezingoma. Ngakho nanoma iyiphi ingoma ayibhalayo kufanele azise iSamro ngayo. Bengizitshela ukuthi uyakwenza lokho. Kusha kumina ukuthi bekumele ngimbhale njengomunye wababhali ngoba besingakaze sakudingida lokho naye."
UMadanon uthe angakucebisa uMreyza ukuba azise iSamro ngomsebenzi wakhe wonke khona ezokwazi ukuthola izimfanelo zakhe ngomsebenzi omuhle awenzayo.