IBALELWA ku-180 imisebenzi esengcupheni yokuphela ngenxa yokusha kwefemu yezingodo eseRichards Bay ngoMgqibelo.
Umphathi omkhulu wenkampani ethintekayo iNCT, uDanny Knoesen uthi kulindeleke ukuthi kume izinyanga eziphakathi kweyisishiyagalombili kuya kwezingu-12 ukusebenza ngesikhathi kulungiswa umonakalo odalwe wumlilo.
Lokhu kusho ukuthi kuzoma nse ukusebenza ifemu kuze kube wukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile.
FUNDA nalolu daba: Iyaqhubeka imizamo yokubhula amalangabi eRichards Bay
Omunye wabasebenzi uNksz -Angel Sibisi utshele abezindaba ukuthi kubuhlungu okwenzekile njengoba kudaleke umonakalo.
“Kubuhlungu kakhulu okusehlele. Sihleli lapha kusukela ngoMgqibelo, sizama ukubhula umlilo namanje sisayibambili. Kubuhlungu ngoba ukuma kokusebenza kusho ukungabi nalutho olungenayo.”
UNksz Sibisi uthi unethemba lokuthi bazobuyela emsebenzini ngoba inkampani yabo ifana nomndeni kubo futhi ibaphatha kahle, ngaleyo ndlela unethemba lokuthi kuzolunga.
Lo msebenzi ukhalele nabaphakela inkampani ngomsebenzi, ethi kubuhlungu ngoba nabo uyabalimaza umonakalo okukhomba ukukhomba ukuma kokusebenza nakubo.
Kuvela lezi zinkulumo nje isaqhubeka imizamo yokubhula umlilo kuleli femu yezingodo. UKnoesen uthi ubonga omakhelwane bakhe iFoskor ngokusukumela phezulu banqande umlilo ukuba ungaweleli ngakubona.
E-Foskor kumbiwa itshe le-phosphate futhi kukhiqizwa i-phosphoric acid nomanyolo osuselwa kwi-phosphate. Le mayini iveze ukuthi umlilo afuna ulengela emagcekeni ayo.
Yize kunjalo uKnoesen unovalo lokuthi kungabaphinda okwenzeke ngoMgqibelo ebusuku kubhebhetheka umlilo ngenxa yomoya onamadla, sebezame konke ukuqinisekisa ukuthi kawuqhubeki.
“Umoya ukhombisa ukuqina namuhla njengoba kwenzeka ngoMgqibelo ebusuku. Lokhu kuyangisabisa ngoba usengasiphunyuka umlilo ubhebhetheke ngamandla,” kusho yena.