KULINDELEKE ukuthi abuyele enkantolo kusasa uNkanyiso Mchunu, umlingisi osezakhele igama ngokubonakala emidlalweni ehlukene okukhona kuyo Uzalo, Ithonga, My Brother’s Keeper, obhekene necala lokushaya.
UNkanyiso uboshwe ngesonto eledlule wavela enkantolo ngoLwesithathu, lapho ededelwe ngebheyili kaR1 500. Uxwayiswe ngokuthi angasondeli kowesifazane athandana naye, uMasechaba Monnahela.
Lo mlingisi ubhekene necala lokushaya ngesihluku owesifazane okuvela ukuthi nguMasechaba.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uNkanyiso washaya owesifazane ngempama nangesibhakela.
Enkantolo yeMantshi yaseRandburg, udonswe ngendlebe kwathiwa angaxhumani nowesifazane kuze kube uyabuya kusasa.
Kodwa izinto zisheshe zajika njengoba naye ngemuva kokudedelwa, evulele owesifazane icala lokungena lapho ehlala khona ngaphandle kwemvume yakhe nelokucekela phansi impahla yakhe.
INational Prosecuting Authority (NPA), iveze ukuthi icala elivulwe uNkanyiso yima isazolibheka njengoba lisesemacaleni asanda kungena.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, uliqinisekisile icala wathi laba bobabili sebevulelane amacala konke sekusezandleni zeNPA, ukuwathatha womabili iqhubeke nawo.
Imithombo esondelene nalaba iveze ukuthi uthando lwabo kusukela kudala belunezinkinga okukhona kuzo umona, ukungathembani nezimpi.
“Okwenzekile kudala kwalindeleka, bebehlala bexabana ngaso sonke isikhathi muva nje,” kusho umthombo.
Lona wesifazane uyena owaveza izindaba zokuhlukunyezwa kwakhe yilo mlingisi ezinkundleni zokuxhumana.
Kweminye imithombo yezindaba waveza ukuthi ukungezwani phakathi kwabo kwaqala ngesikhathi eqala ukubuza imibuzo ngomunye wesifazane owayethandana noNkanyiso.
“Ngaya endlini yakhe ngafica intombazane khona. Saxabana, nokuyilapho aqala khona ukungishaya. Ngosuku lwakhe lokuzalwa wangidudula ngawa. Ngemuva kwalokho, ubesenezikhawu zokungishaya ngempama. Ekuhambeni kwesikhathi ngathola ukuthi uthandana nomunye wesifazane asebenza naye emdlalweni alingisa kuwo manje Ithonga. Owesifazane ungomunye wabaqondisi kulo mdlalo,” kuchaza uMasechaba.