NAKUBA siconsisa amathe isikwati seNingizimu Afrika esiya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) Under 20 kodwa kungase kuqale umqhudelwano sesihlukile ngoba iqembu elifana ne-Orlando Pirates alibukeki lizodedela umdlali omqoka njengoMbekezeli “TLB” Mbokazi.
Umqeqeshi walesi sikwati, uRaymond Mdaka, angase agcine eya ngabadlali abahlukile kulo mqhudelwano oqala ngo-Ephreli 27 uze uphele ngoMeyi 18, kwelase-Egypt.
Amajita, okuyisiteketiso saleli qembu, aqhathwe ku-Group B onzima kwazise ubophele iNigeria, Morocco nosokhaya i-Egypt.
Okugqamisa uMbokazi ukuthi kubona bonke abadlali abasesikwatini uyena obonakala edlala indawo emqoka eqenjini lakhe iPirates njengoba lisempini yezicoco ezintathu ngesikhathi esisodwa.
IPirates ibanga sicoco seBetway Premiership, Caf Champions League neseNedbank Cup ngesikhathi esifanayo, yingakho kubukeka kuzoba nzima kuyona ukudedela uMbokazi.
Njengoba lo mqhudelwano ungekho ngaphansi kwezinsuku ezibekelwe imidlalo yeFifa, kulula ukuthi amaqembu agoloze nabadlali bawo njengoba kwenzekile komunye omqoka kulesi sikwati uShandre Campebell osemabhukwini eClub Brugge yaseBelgium.
Ukulimala kwabadlali abamqoka basemuva bePirates ngesikhathi esisodwa kwenza kube nzima ukuthi leli qembu lidedele uMbokazi.
Usuku okuyoqala ngalo umqhudelwano, uMbokazi uyobe enezinsuku ezimbili edlale owomlenze wesibili wowandulela owamanqamu weCaf Champions League nePyramids FC khona belu kwelase-Egypt.
Ngesikhathi uMdaka ekhuluma nethimba leSouth African Football Association (Safa) ngemuva kokumemezela isikwati, uyithintile indaba kaCampbell yize engazange anabe.
“Besifuna ukuhamba noShandre (Campbell) kodwa iqembu lakhe laba manqika ukumdedela ngoba libona ukuthi lokhu kungase kumphazamise kanti usesemnyango wesikwati esikhulu,” kusho uMdaka.
“Ngiyabethemba bonke abadlali ababiziwe. Ngiyethemba ngeke kube nezinkinga kangako ngesikwati sethu kodwa bakhona abadlali esicuphe ngabo uma kwenzeka lokho,” kusho uMdaka
.
Omunye umdlali okubhekiwe ukuthi uzobakhona yini kulesi sikwati noma cha, uMfundo Vilakazi, naye ongomunye wabamqoka kwiKaizer Chiefs kule sizini.
Sesisonke isikwati sikaMdaka esiya kwi-Afcon ka-U/20 simi kanje:
Onozinti: Fletcher Lowe-Smythe, Takalani Mazhamba noKgoleng Ratisani.
Abasemuva: Mbekezeli Mbokazi, Gopoleng Taunyane, Tylon Smith, Sifiso Timba, Asekho Tiwani noNeo Rapoo.
Abasesiwini: Gomolemo Kekana, Patrik Autata, Lazola Maku, Mfundo Vilakazi, Faiz Abrahams, Langelihle Phili, Shakiel April noKutlwano Lethlaku.
Abagadli: Jody Ah Shene, Thabang Mahlangu noKgomotso Modiba.