IZINHLANGANO zomphakathi zinxuse ubuholi be-ANC ukuba busukumele inkinga yamanzi ekhungethe izingxenye eziningi zeTheku.
Izinhlangano zomphakathi zithe inkinga yamanzi eThekwini isiphenduke isinengiso, zathi idinga ukuxazululwa ngokushesha. Lokhu zikusho ngesikhathi zinesidlo sasekuseni nobuholi be-ANC.
Abamele izinhlangano zomphakathi bathe iya ngokukhula kunokuba ilunge inkinga yokuhlupha kwamanzi ezingxenyeni eziningi zeTheku.
Bathe okukhathaza kakhulu ukuthi bathi bengenawo amanzi kodwa bebe bewabona egxaza kwezinye izindawo emapayipini avuzayo ahlala isikhathi eside engalungiswa.
Abebehambele isidlo sasekuseni baxwayise ubuholi be-ANC ngokuthi le nhlangano izohlangana nezimbila zithutha okhethweni lwangonyaka ozayo, uma ingaxazululwa ngokushesha inkinga yamanzi.
UNksz Thabisile Nzimande, oqhamuka kwiSanco, uthe inkinga yamanzi ibaphilisa kabuhlungu ezindaweni ezingaphansi kwe-INK (Inanda, Ntuzuma, KwaMashu).
"Amanzi ayahlupha kakhulu kulezi zindawo."
UNksz Nzimande ukhale ngamakhansela angabasizi ngalutho abantu ababhekene nenkinga yamanzi, wasola la makhansela ngokuhuqa ubuthongo.
"Kufanele sibe nendlela yokugada ukusebenza kwamakhansela. Asikwazi ukuba namakhansela ahuqa ubuthongo. Uma mina ngilokhu ngilandela ngemuva ikhansela, kuba sengathi ngiyalibangisa. Nina njengabaholi kufanele nithole indlela yokuqinisekisa ukuthi amakhansela ayawenza umsebenzi."
UNksz Nzimande uthe abaholi be-ANC kufanele bayisukumele ngokushesha inkinga yamanzi uma bengafuni ukubhekana nolaka lwabantu okhethweni lwangonyaka ozayo.
"Uma nifuna ukunqoba lapha eThekwini, kufanele nifake abantu abazokwenza umsebenzi ngoba sonke siyabona ukuthi akuzi kahle."
UMnuz Jacques Poupard wenhlangano yabaHlali baseMhlanga, uthe sebecupha isikhathi sokugeza ngoba bayazi ukuthi amanzi ayahamba njalo ngehora lesishiyagalolunye.
"Sonke siyabona ukuthi izinto azihambi kahle lapha eThekwini. Inkinga enkulu ukuthi abekho abantu abathathelwa izinyathelo. Mina ngiwusomabhizinisi. Uma kukhona umsebenzi ongawenzanga umsebenzi wakhe, ngiyaye ngimthathele izinyathelo. Kungani bengathathelwa izinyathelo abantu abangawenzi umsebenzi kwamasipala?"
UPoupard uphinde wakhala nangesiphakamiso sokunyuswa kwamanzi nogesi eThekwini.
"Uma uqhathanisa iTheku nabanye omasipala njengamanje, amanzi nogesi kumba eqolo lapha eThekwini. Siyaphikisana nokuthi kuphinde kunyuswe amanzi, ugesi, nezinye izidingo."
Umgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uthe bayazi ngenkinga yamanzi eThekwini, wathi bayangenelela.
UMabuyakhulu uthe ngisho uMengameli Cyril Ramaphosa, uyangenelela kule nkinga.
"Akusiyona inkinga ongayixazulula ngokushesha. Inkinga ekhona ukuthi kunciphiswe amanzi eThekwini ngenxa yokuthi abantu bakhona bawasebenzisa kakhulu. Okuzosikhipha kule nkinga ukuthi kuqedwe ukwakhiwa kwedamu eliseMkhomazi."
Odabeni lwesiphakamiso sokunyuswa kukagesi namanzi, uMabuyakhulu uthe basazoqhathanisa ukuthi lezi zidingo zibiza kangakanani kwabanye omasipala.