UYATHUTHUMELA futhi uhlalele ovalweni umndeni wakwaHlabisa, eMacambini eMandeni, ngemuva kokuzithela phezu kwebhokisi lomngcwabo ngoMsombuluko ekuseni.
Owomndeni, uNksz Nokukhanya Hlabisa, utshele Isolezwe ukuthi sebethuka izanya ngoba abazi ukuthi lokhu kumayelana nani.
Uthe bakholwa ukuthi lo muntu oshiye ibhokisi kukhona umyalezo oshubile abehlose ukuthi awudlulise emndenini wabo.
"Sikhungathekile, asazi ngempela ukuthi kwenzekani uma kunjena. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi lokhu kusho ukuthinini ngempela? Le nto isithuse kakhulu," usho kanje.
Uthe okubakhathazayo kakhulu ukuthi akekho umuntu abaxabene naye.
"Uma ngingathi bakhona abantu esike saba nokuhilizisana nabo ngabe ngiqamba amanga aluhlaza. Yingakho nje sididekile ukuthi kwenzekani,'' echaza.
Osekuletha kakhulu itwetwe kulo mndeni ukuthi ebhokisini bathe bafice izithombe zabantu abangu-6 ezibaziwe, ekubeni nabo bengu-6 emndenini.
Uthe kubazwe abesilisa abane ekubeni bebane abantu besilisa emndenini.
Uveze ukuthi kubazwe abesifazane ababili baze babashuqulisa emakhanda ekubeni bebabili futhi abantu besifazane abakhona kuleli khaya.
Ubalule ukuthi abangabazi ukuthi lona umyalezo oshubile odluliswa kubona ngumuntu othile. Phakathi ebhokisini, uNksz Hlabisa uthe bekukhona negazi athe yikhona impela okubenza bangenwe ngamanzi emadolweni.
"Sihamba sijeqeza emuva kwalesi senzo. Sivule necala emaphoyiseni ngenxa yokusaba," usho kanje.
Induna yendawo, uMnuz Bongani Msweli, ithe kuyakhathaza ukuthi kutholakale ibhokisi emagcekeni alo mndeni. Ubekhuluma neSolezwe ekhona kule ndawo.
Nayo induna ikhale ngomyalezo ethe kungenzeka ukuthi udluliswa ngabathile.
Igcizelele ukuthi lesi simo kasisihle futhi sishiya imibuzo eminingi engenazo izimpendulo.
"Asazi lokhu singumphakathi ukuthi kuphathelene nani. Siphuthumile singumphakathi ukuzobheka lo mhlola esiwuzwe ngomndeni," kusho induna.
Siye koshicilela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, engakaphenduli mayelana necala elivuliwe.