UMAKADEBONA emculweni kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, uvukwe umunyu nesibibithwane ngesikhathi ebungazwa esadla anhlamvana.
Le nkakha yodumo lwengoma, ethi Ukuzal' Ukuzelula nethi Phuma Kimi, ibungazwe ngusomabhizinisi wasendaweni yaseMbumbulu, ngoLwesibili, uMandla Gwala ngamagalelo ayo ekufukuleni amaciko asafufusa.
UGwala, obezifikele mathupha KwaGqikazi, oLundi kubo kaSomnandi, uthe uchazwe yindlela uSomnandi aveze ngayo indodana yakhe kwiMother of All Maskandi Festival, uNjabulo Langa.
Uthe lento eyenziwe nguSomnandi ayivamisile kubantu abamnyama.
"Ngisho nasemisebenzini bancamela ukufaka abantu basekhweni ekubeni emakubo kunabantu abangasebenzi. KuSomnandi uthe azidle ekhaya njengoba efukula indodana yakhe."
Eziphendulela uSomnandi, uthe empeleni uNjabulo osedume njengomfazi odlisayo ezinkundleni zokuxhumana ngamatemu nangemidanso ehlukahlukene, uyindodana yomfowabo uMzwakhile Richard Langa, ozalwa nguyise uNamba 4.
Uthe okwenze wahlengezela izinyembezi ngesikhathi uGwala ezombonga ngogadlakazi lwesiklabhu, ukuthi ubengazi ukuthi kunabantu abathintekile ngesenzo sakhe sokucula ngokuhlanganyela noNjabulo ngempelasonto eyedlule ePeople's Park, eThekwini.
Eqhuba uSomnandi uthe akuvamisile ukuthi amagalelo omuntu atuswe esaphila kodwa kuke kulindwe aze adlule emhlabeni.
Unina kaSomnandi, uMaShabalala Langa, ubelokhu ekikize njalo.
Akukhona okokuqala uSomnandi efukula umculi kodwa waqala ukuvelela ngomkhaya wakhe, uBonakele Masango ngaphambi kokucija indodana yowayeyimbangi yakhe emculweni, uTholinhlanhla "Madlanduna" Luthuli, oyindodana kaBhekumuzi.
Ubuye wasebenza nabanye abaculi abasakhasa abanjengoNKR, noSkhumba BTS.
Esephetha uSomnandi uthe uNjabulo ubuye wabafuza kaLanga ngenhlanzeko nangemiswenko ngoba ikubo kwayo kwaSothole.
Eziphawulela uNjabulo uthe konke ayikho ukubukele kuSomnandi ngoba nguye obeyisibonelo esihle emndenini.
UNjabulo kulezi zinsuku ushisa izikhotha ngenoni elithi Ngishile Nje, futhi elinomdanso ochaza abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi uTikTok.
Uqale ukwaziwa ngetemu elithi Asazi Owadl'Imali.
*Olunye ulwazi lucashunwe kwiNhlaka Productions nakwiDurban Network.