I-SACP ifuna kutholakale abanye ababandakanyeka ekusocongweni kowayengunobhala wale nhlangano, uMnuz Chris Hani, owasocongwa ngaphambi kokhetho lwango-1994.
AmaKhomanisi athe ayengasebenzi wodwa amadoda amabili alahlwa yicala lokusoconga uHani.
Lokhu akusho esitatimendeni sokukhumbula usuku okwasocongwa ngalo uHani.
Izolo, bekuphela iminyaka ewu-32 kwasocongwa uHani.
Amadoda amabili, Janusz Waluś noClive Derby-Lewis, alahlwa icala lokusoconga uHani. UDerby-Lewis washona ngo-2016, uWaluś yena wadedelwa ngoshwele ngonyaka odlule.
Okhulumela iSACP, uDkt Alex Mashilo, uthe basamile ekutheni kukhona abanye ababesebenzisana nala madoda ekuthungeni itulo lokusoconga uHani.
"Zikhona izinkomba zokuthi baningi ababandakanyeka ekuhlelweni kwetulo lokubulawa kukaHani. Sifuna ukuthi bonke labo ababandakanyekayo batholakale. Sifuna ongqondongqondo abahlela itulo, ilabo abalekelela kanye nalabo ababenolwazi lwetulo."
UMashilo uthe aluzange lwenziwe kahle uphenyo ngokubulawa kukaHani.
"Kuningi okungenziwanga kahle ngamaphoyisa ayephenya icala ngesikhathi sobandlululo. Ashaya indiva ubufakazi obuningi obubalulekile."
UMashilo uthe lokhu kubenza ukuthi baphinde bahlabe ikhwelo lokuba kuqalwe phansi uphenyo ngokubulawa kukaHani.
."Sekukaningi sihlaba ikhwelo lokuba kuqalwe phansi uphenyo, uhulumeni awukaze uthathe izinyathelo ezinqala. Sinxusa yonke iminyango kahulumeni ethintekayo ukuba ilusukumele lolu daba. Uphenyo olunzulu lungasinikeza izimpendulo ezigcwele. Uphenyo lungaqinisekisa ukuthi bavela obala baphinde bathathelwe izinyathelo bonke ababa nesandla ekusocongweni kukaHani."
Okhulumela umndeni, uMnuz Mphatheli Hani, ugxeke uhulumeni ngokungasheshisi uphenyo.
UMphatheli uthe kwabaphatha kabi ukuzwa uWaluś ekhombisa ukungazisoli ngesenzo sakhe ngesikhathi enenkulumo nesiteshi sethelevishini, ayenza emva kokudedelwa ngoshwele.
"Wathi angaphinda futhi amdudule uHani uma enganikwa elinye ithuba lokwenza lokho."
UNgqonggoshe wezeMidlalo, uMnuz Gayton McKenzie, uthe luzokuba khona uphenyo ngokubulawa kukaHani.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini kahulumeni wokukhumbula uHani.
"UWaluś angacabangi ukuthi sekuphelile. Kuzokuba nophenyo ngokufa kukaHani. Kufanele abuye azophendula. Angeke kumphathe kabi lokhu uma kuwukuthi akanacala. Thina into esiyifunayo nje iqiniso. Sifuna ukwazi ukuthi kwenzakalani. Miningi imibuzo engaphendulekile. Siyokhululeka ngaphakathi mhla sathola iqiniso."
UMcKenzie ukhale ngokungahlonishwa ngokwanele kwamaqhawe alwela inkululeko.
"Amaqhawe afana noHani awakutholi ukuhlonishwa okufanele. Lokhu kwenziwa ukuthi abaholi abakhona bangamagwala. Ongqongqoshe nezimeya bayasaba ukuthi bazobuzwa ukuthi basebenzise malini ngesikhathi benza izinhlelo zokuhlonipha amaqhawe. Mina angisabi. Imali ngeke uyiqhathanise negazi lamaqhawe elachitheka."
UMcKenzie uthe yena uzoqhubeka nokuhlonipha amaqhawe angasekho.
"Sizokwakha imifuziselo yamaqhawe. Sizoyakha eRobben Island. Kufanele kube yithina esiqhakambisa amaqhawe akithi. Akekho ozoqhakambisa igalelo lamaqhawe akithi uma thina sisaba."