KULOKOZA inhlansi yethemba lokuthi izoxazululeka inkinga yokunqamuka kukagesi eNingizimu Afrika.
Lokhu kungemuva kokuthi uNgqongqoshe kaGesi uDkt Kgosientso Sputla Ramokgopa, ethe zonke izinhlaka zenza konke okusemandleni ukuthola isisombululo.
Kuleli sonto uRamokgopa uqale uhambo lweziteshi eziwu-14 zikagesi, ukuze azibonele yena umsebenzi owenziwa kuzo.
“Sizoyinqoba inkinga yokunqamuka kukagesi ngoba zonke izinhlaka ezithintekayo zisebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi sinogesi owenele. Sizoqinisekisa ukuthi iziteshi zethu eziphehla ugesi wamalahle ziwuphehla ngokwanele kanti nezinye eziwuphehla ngezinye izindlela sizoziqapha. Sizoza nezinye izisombululo zokuphehla ugesi ngaphandle kokulimaza imvelo,” kwethembisa uRamokgopa.
Uthe uhambela iziteshi ukuze ahlanganise amehlo nabasebenzi ngoba yibona abasekhaleni lempi yokuqeda ukungabi bikho kukagesi owanele ezweni.
URamokgopa uqale uhambo lwakhe ngoMsombuluko eKriel naseDuvha, kanti izolo ubeseKusile naseKendal, namhlanje uya eTutuka naseCamden, kusasa uzoya eLethabo bese ngoLwesihlanu aye e-Ankerlig, okuyisiteshi esinegesi naseKoeberg lapho kunenuzi.
Uthe ezinye iziteshi eziphehla ugesi wamalahle seziwuphehla ngokwesigaba sika-80% okuyinto enhle kakhulu.
Utshele abantu ukuthi ugesi awunqamukanga ngenxa yokuthi kunomehluko omkhulu ekuphehlweni kwawo hhayi ngoba kuwukuthi kunabenza ngamabomu.
Uthe eKusile izinkinga zakhona azithinti inkohlakalo zimayelana nokwakheka kwesiteshi sikagesi.
Uthembise ukuthi iziphehli zesiteshi zizobe sezisebenza ngoDisemba, wathi kuzongenisa ugesi owengeziwe ezweni.
Khonamanjalo, ngoMsombuluko i-EFF igcwale emigwaqweni yaseNingizimu Afrika, imashela ukunqamuka kukagesi.
Ezinye izinhlangano zifake icala eNkantolo eNkulu eGauteng, ukuze kumiswe ukunqamuka kukagesi eNingizimu Afrika.
Kulezi zinhlangano kubalwa iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), United Democratic Movement (UDM), Health and Allied Workers Indaba Trade Union (HAITU), Build One South Africa (BOSA), South African Federation of Trade Unions (SAFTU) nezinye, okulindeleke ukuthi zibhikishe ngaphandle kwenkantolo namuhla, zikhala ngokunqamuka kukagesi.