LIHLEHLISELWE kuMeyi 12, kulo nyaka icala lokudlwengula elibhekene nesishoshovu seMK saKwaMakhutha.
Owesilisa osolwa ngokudlwengula, akhulelise indodakazi (19), uvele izolo eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu. Imantshi ngesikhathi ihlehlisa icala ithe kusaqhutshekwa nophenyo.
Umsolwa ophinde abe yilungu leCommunity Policing Forum (CPF), ungaphandle ngebheyili kaR1000, kulandela ukudedelwa kwakhe ngoFebhuwari kulo nyaka.
Umsolwa uboshwe ngasekuqaleni kwalo nyaka, emva kokuthi umgilwa egonyuluke ngesigameko emndenini wakhe ngasekupheleni kukaDisemba.
Kuthiwa umgilwa wagonyuluka emva kokuthi unina ebambe imiyalezo eshaqisayo phakathi kukamgilwa noyise, lapho ayeveze khona ukuthi akumphathi kahle ukuthi uyise uvele afune ukulala naye.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuvela kukamsolwa enkantolo, kuvele ukuthi umsolwa wambizela kubo umgilwa, emkhohlisa ngokuthi kukhona izihlobo ezikhona, okufanele azozibona.
Kwavela ukuthi wathi uma efika, wathola ukuthi uyise ubesenga ezimithiyo ngokuba khona kwezihlobo ngoba wamthola eyedwa, wase embhozomela.
Kwavela ukuthi wamsabisa ngokumbulala, okuyisona sizathu esenza ukuthi athule angatsheli muntu ngesigameko.
Okunye okwabuye kwahlaluka enkantolo ukuthi umgilwa wacela ukusihushula isisu, wasabisa ngokuthi uma ephoqwa ukuthi ayigcine ingane, uzovele azibulale.