INDLUNKULU kaZulu ihlalele ovalweni ngokuphepha kweNgonyama yayo, uMisuzulu kaZwelithini, emuva kokungena kowesifazane esigodlweni maqede waqola abantu ebebefuna ukubonana neSilo.
Iphephandaba iThe Star, eliwuzakwabo weSolezwe NgoMgqibelo, libike ukuthi owesifazane owaziwa ngelikaNksz Sihle Sibisi, ufike eNdlunkulu kaZulu, waxova futhi wawaka abantu abebezohlangana neSilo ngokubafuna imali ukuze basibone futhi bashuthe naso.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, utshele iThe Star, ukuthi iNdlunkulu yaziswa ngowesifazane ozenza ilungu layo maqede kwaphenywa kabanzi ngaye.
"Sikhathazekile ngokuthi wafika kanjani esigodlweni nokuthi ubedlula kanjani kubaqaphi. Lokhu kubeke impilo yeSilo engcupheni. Sikubheka ngeso elijulile. Asimazi futhi asazi nokuthi kungani elapho. Ubugebengu obuhlosiwe."
UNksz Sibisi, owake wavela kuMoja Love edalula abefundisi abakhohlakele, unenhlangano ebizwa ngeKwanele Foundation (ngokolwai olukwiGoogle).
Amakhasi akhe asezinkundleni zokuxhumana agcwele amavidiyo anezinkulumo ezikhuthazayo nezithombe enabantu abaqavile emphakathini okubalwa iSilo uMisuzulu, uMnuz Patrice Motsepe, uMnuz Danny Jordan, inyosi uZolani Mkiva, iNkosi Phathekile Holomisa noNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu.
Kayiphumelelanga imizamo yokuthola uNksz Sibisi ukuze aphawule, kuhluleke ngisho esethunyelwa imibuzo nge-email, nangeWhatsApp.